Mina kweyakwethu indlu sengaba ngedwa
Seyavulwa yimina ivalwa yimina
Usizi selwabhekana nami ngedwa akekho ngisho noyedwa engomukhalela
Abafowethu nodadewethu sebangishiya ngedwa kwethu
Bathi intandane enhle umakhothwa ngunina mina ngingumakhothwa ngusizi
Mina kwethu sengasala ngedwa
Kusho ukuthi mina kulomhlaba ngangilethelwa ukuba ngizoba ngedwa
Kungani-ke eyakwethu indlu ingavele ivalwe kunokuba ngiyivule ngiyivale ngedwa
Kungani-ke bobhuti nani bosisi ningaveli nizongilanda kunokuthi ngibe ngedwa
Sivele sazi kahle kamhlophe ukuthi eyakwethu indlu ivaliwe
Mhlasimbe nje lapho esiyobe sikhona siyovula enye indlu yaphakade
Mina kwethu sengasala ngedwa
Kodwa nje lapho enikhona nisangikhumbula nje?
Nisayazi untandane yakwenu?
Nisakhumbula ukuthi nashiyani emuva?
Kazi uma nihlangana lapho enikhona niyaxoxa nje ngami?
Ukuthi nangishiya nendlu okwakumele siyibambisane sisonkana?
Kodwa ke kwazi bani?
Mhlawumbe sobonana kwelizayo
Nginibuze lemibuzo engenampendulo okwamanje
Mina kwethu sengasala ngedwa