Mhla ngiwushiya lomhlaba nisize bantwana bami
Ningakhali ngoba ngiyobe sengiphumule
Anongiyeka ngilale ngokuthula
Ngiyazi kuyobe kunzima kodwa anobe nazi ukuthi ngiyohlezi nginani
Angisoze nganishiya nodwa zingane zami
Okwami nje ukuthi kuyoba ukufihla ikhanda ekhaya lami elisha

Mhla Ngifayo
Ngiyazi kuyobe kunzima ukwamukela isimo kunina zingane zami
Kodwa mina ngizobe sengiphumule ngokuthula lapho engizobe sengikhona
Nisize nize nivule ibhokisi ningibuke ebusweni
Ngoba ngizobe ngigcwele injabulo yokuphumula
Sengiwushiyile lomhlaba onzima
Nalapho engiya khona ngiyofike ngibaxoxele ngezingilosi zami engazishiya emhlabeni onzima

Mhla ngifayo
Nize ningisize zingane zami
Uma nizwa umhlaba unihlaba nize ningalibali ukubiza elami igama
Ngoba ngizobe ngiseduze kwenu
Ngizozama ngawo wonke amandla ami ukunilethela izinhlanhla
Nize ningisize zingane zami ningibhekele usisi wenu omncane ingilosi yakini
Ngiyazi kuzobe kunzima senginishiya nomthwalo kodwa ngiyanithembisa
Nizobe ningenodwa kulowo mthwalo ngizobe nginani

Ngikhululeni bantwana bami ngiphumule