Bengifana nesitshalo esisenhlabathini evundile
Bengifana nembali eqhakazile
Izinyosi bezibuthakasela ubuhle bami
Benginezifiso namaphupho ngomhlaba
Mama liphi igama lami?

Zafika izikhukhula ezingaliyo
Zafika zakhukhula konke obekutshaliwe
Safika isiphepho esinamandla
Safika saphephula konke obekutshaliwe
Ayabizwa amagama
Mama liphi igama lami?

Sengikwenye indawo
Sengikweliny izwe
Ayabizwa amagama
Ontanga bangishiyile
Senginjengenhlwa
Mama liphi igama lami?

Ngisingathe mama
Umzimba wami usahlezi kanye nendle estamkokweni
Ehlobo ilanga lizitika ngemisebekazi yalo
Ebusika umoya uzitika ngesiphepho sawo
Phezu kwami imvula ingidica
Ngisho isitamkoko sesidla izindwani
Mama liphi igama lami?

Nganginamaphupho ngomhlaba
Nganginezifiso ngomhlaba
Ngingowesifazane ngangiyokuba ngumhlengikazi
Ngingowesilisa ngangiyokuba ngumongameli
Ngihambe ngeziphambili izimoto
Pho-ke ikusasa kalinamgomo
Mama liph igama lami?

Makube ngavundla kwesokaMagaye umshadikazi
Mhlawumbe wayeyosinda ukubizwa ngelenkomo
Mhlawumbe ngangiyobuzwa ubumnandi bobungane
Mhlawumbe zaziyofezeka izifiso namaphupho
Mhlawumbe ngangiyokuba lusizo emphakathini
Pho-ke amathanga ahlanzela abangenamabhodwe
Mama liphi igama lami?

Ngoba bewazi ukuthi akungifanele ukuba kuleli izwe
Bekufanele ukuvimbe ukuza kwami
Bekufanele ungavumi mama
Kuyoze kube nini ngilalele?
Ayabizw amagama
Mama liphi igama lami?

Masisingathane mama
Ngizokuba yidlozi elihle kuwe
Ngizogwema konke ongakuthandi
Sophinde umthole omunye umtwana
Ngiyizibulo nothunjana
Mama liphi igama lami?