Lithi mangihlabe.
Ngizohlabela bani?
Ngizohlabela abakwa ban’ na?
Ngizomemeza abakwa bani?
Ngizothakasa ngithin’ na?

Lithi mangihlabe.

Ngingathakasa ngith,
Mina vezandlebe.
Ongazalwanga waqhuma,
Estamkokwen’.

Baqhamuka abakonyumba,
Bangenza owabo.
Bangetha isibongo ze.

Lithi mangihlabe
Kuthiwa injobo ithungelwa ebandla.
Le isihlanganise,yahlukanisa izazi.
Ongqondo-ngqondo baphela ukwazi,
Bebhunga lendab’zekwayo

Lithi mangihlabe
Uma ngithandaza kuwe bawo,
Ungangizwa?
Ngithi bab’wethu.
Mdal’ wezulu nomhlaba,
Nomuntu nezinkinga zakhe.
Ungangizwa?

Kuthiwa indlela iqala komkhulu,
Idlulele kuwe.
Ayasinda lama dambi ngichithi seni.
Ayasinda lamayiwa ngithwaliseni.
Ngihlahliseni indlela eya ebomini.
Ngibe ubongozile nami.