Belikade libalele liphume saka
Likhipha umkhovu etsheni
Kuhhumuzela izinyosi
Zehla zenyuka zakha uju
Yaqhamuka ingwijikhwebu
Laqala lashintsha labuyisa amafu
Amnyama bhuqe
Lihloma ngempela
Limumethe imvula enkulu
Akusona isihlambi esidlulayo
Uzamcolo omkhulu ozayo
Kuthe kusenjalo laqala landindizela
Waqala umbani wathwebula phansi
Saqoqana sonke endlini
Sambhoza konke okubenyezelayo ngovalo
Laduma umbani wakhazimula indlu yonke
Sathuka isalukazi esingu MaMthethwa
Sicabanga ukuthi izulu liyangena
Lanetha kwagcwala imifula namadamu
Kwachichima amaxhaphozi nemihosha
Kwaphuphuma izimpophoma
Kwamuka izingodo zokuwela emifuleni
Kwehla izinsunsu zamatshe esichotho