Kwasuka lokho
Angisaviki nokuvika ngoba amandla asengiphelele
Angisamemezi nokumemeza ngoba izwi selingihambele
Nale ndandatho esemnweni ingibethele
Lomuntu ubonakala nasebusweni ukuthi uthando lumphelele
Lapho mina ngicwila othandweni okwentandane esanda ukuthola umndeni
Hayi inkosi ngalomuntu angilaleli
Kodwa manje ngifisa nokufa ngoba noma ngithi ngiyazama kodwa akuthandazeki
Wangigila ubaba ngokuthi angiyogana
Kuyimanje angisakwazi nokuzala
Sengaba isigqila sezinhlungu
Ngishaywa nsuku zonke sengathi ngiyimbungulu
Nakho konke ayengithembise kona sekwaba yimbumbulu
Uyazi kubuhlungu

Angikaze ngizibone kulesi simo ngoba ngangithi kumkhwenyana wami ngiyisipho
Akasho ngani uma engasangithandi?
Akasho ngani uma kukhona omunye?
Kucacile ngiyimpumputhe
Ngiyaye ngithule ukuze ngizophumula kulezi zinhlungu ezingapholi
Naye wenza sengathi akaboni
Kulungile kodwa uMdali angimsoli
Impilo yami seyaba ihlaya uyazi ngiphelelwe nangamahloni
Nolwakhe usuke luyeza