Njengoba umkhulu esesishiyile
Ugogo kwak’mele azame indlela yokuz’philisa
Wazama
Wagcin’ esehlulekile
Waselusizi emphakathini
Ngamanye amalanga wayenok’lala engadlile
Wayesesizwa uk’phuz’ amanzi

Omakhelwane nabo bagcina sebebuza ukuthi izingane zakhe zayaphi
Wawubona ukuthi ugogo akaphathekile kahle
Wabheka phansi ezama uk’fihla izinyembezi
Wagcina ehlulekile ngenxa yempilo edabukisayo ayey’phila

Ugogo wayezama ngakho konke okusemandleni
Ukuthi izingane zakhe ziye es’koleni
Zilale zidlile
Ziphumelele empilweni
Zathi uma ziqeda is’kole zahamba zayohlala emadolobheni
Zathola imisebenzi zihamba ngey’moto izingub’khazikhazi

Zakhohlwa ukuthi umama wazo wayencamela uk’lala engadlile
Uma kudle iy’ngane zakhe k’lungile
Zona lezoy’ngane zasezikhohliwe ukuthi zinomama osaphila

Eqeda uk’shona nje umkhulu
Nogogo naye wase emlandela
Wayesekhathele uk’phila impilo yok’cela nok’dabukisa
Wabonga eseshonile ukuthi umdali uze wam’khumbula
Naye is’khathi sakhe size safika

Ngelanga lok’fihlwa kukagogo
Wawungazibona iy’ngane zakhe zikhala is’mayemaye
Zikhihla es’kaNandi isililo
Mama! Mama! Buya!
Uthi zazazi nje ukuthi ugogo ubulewe yizo
Uthi zazazi nje ukuthi ugogo akabulawanga inhlupheko
Kodwa ubulawe inhliziyo eb’hlungu

Inhliziyo eyay’dabukisa ikhala ikhononda nsuku zonke
Uthi zazazi nje ukuthi ugogo wayenok’lala engadlile
Wagcina esejwayele nok’khala kwesisu
Ngezinye izinsuku wayesenok’khala naso
Uthi zazazi nje ukuthi watholwa omakhelwane sebenezinsuku bengamazi
Uthi zazazi nje ukuthi ugogo akazalanga wabola amathumbu

Yena ugogo ushone esazi ukuthi ungum’thwalo ey’nganeni zakhe
Naye wayesenokuz’buza ukuthi ngabe wazenzani
Kube wayazi kangcono kube wazikhipha nezisu!
Impilo kagogo ay’kaze yaba mnandi
Ngisho esezele izingane eziphumelele