Bakubiza ngeCOVID19,
Bethi bayakuhloniphisa,
Ngoba waqala ukunyonyobela izwe ngo 2019
Walizama waze wabona lana
Ongaqala ngakhona sathane ndini

Waqala ngabaseChina waqoba waququda,
Abantu benkosi kwakhalwa.
Wangaba nazwelo wadla silaza wadla fumuka.
Waval’ imizi yabantu wangadela qili ndini.
Wadlulela kwamanye amazwe.
Waqotha imbokodo nesisekelo.

Wafik’ eNingizimu Afrika lapho wase
Ushayela isipikili sokugcina
Waqotha feleba.
Wangahawuka ngish’ umongameli wezwe
Esemi mpo ngezinyawo,
Ezama ukuvikela isizwe sakhe waze wakhipha
Nezikhali zokugcina umkhonto wesizwe.

Wakhipha phoyisa, dokotela, nesi
Kanye nezingcithabuchopho ososayensi.
Kuliwa nawe uwedwa kodwa qili ndini.
Wangaba nazwelo waqoba khona kunjalo.
Zaphuma izidumbu kuhle okwezintuthwane
Afa amaqhawe esizwe.

Kanti we COVID wawu thathwephi?
Wadinwa ubani kangaka?
Les’ sibhongo osikhiphela ezweni lalitheni kuwena?
Azikho izithakazelo ezingakufanela ngendlela ononya ngayo
Awuzizweli lezi zintandane ozenzayo ezweni?
Awudeli ukuthatha amaqhawe ezwe na?

Awudeli ukuletha ububha ezweni,
Kwavalwa izinkampani ngenxa yakho
Kwama gxi izwe labuka wena ugiya
Uqephuza ubulala uqoba abantu
Kwavalwa izikole kanye nemisebenzi,
Waze wayovala iphalamende uqobo!

Ngithi ngibabaza angivali umlomo ngawe COVID!
Ukube ubuzothola izicoco ubuzoqoqa zonke izindondo
Mubulali wamazwe onke sithi sekwanele phinda kulomgodi
Owawucashe kuwo yonke leminyaka!
Sekwanele manje sathane ndini!