Ngangimagange mhla ngiqal’ ukuyibona
Kwazise bekuyiyo qwaba akekho obeyithemba lami
Ngiyakhumbula mhla ngikukhulisa zining’ izifungo esazenza
Kwazise unina wayeseyicente wayiqeda eyakhe indlela
Okubuhlung’ igeja walibeka mhla eyiteta
Lokho kwagqhema ingozi engeqiwa ntwala
Okuz’ kubi inamhlanje inhliziyo yam isabhala iyacisha ngobuhlungu engabuzwayo
Ngisho esokugcina isitha sami angisifiseli lento

Ngimkhulisile uthunjana wami impilo ngamfundisa
Ziningi izikhathi esizichithile ndwawonye
Ngiyakhumbula kusele elokugcina iqebelengwane lesinkwa
Ngancamel’ ukuba nginike yena
Mina ngilale esami isisu namathumbu bexoxe’ izinganekwane ubusuku bonke
Ngangithi kuyosa nini ngibone elangomuso
Ngoba kuleli khaya impela imbuya ibidliwa ngothi
Phel’ obengumbhekeleli usishiye singalindele
Wayenza konke okusemandleni ukuba ikati lingalal’ eziko
Wayengenzi okutheni usuku nosuku etshatha igeja elima amasimu
Ukuba silale sidlile ingani mina ngang’ phoqwa isimo
Sesihlalo engihleli kuso esasingavumeli ukuba ngenzeni ngisanda nak’hlala kuso
Impilo yayinzima nak’mina uqobo

Ngingesayibala eyomndeni wami okuyinamuhla lobu ubuhlungu
Bungenziwa eyami indodana kuyise uqobo
Benginethemba ukuba uyothi angakhula asishintshe isimo saleli khaya
Kodwa wenze okuphambene nokwenhliziyo yami nebengicabanga
Ngiyathemba lamazwi ayofinyelela kuye
Ngiyam’khumbula esengivalelisa kanti kwak’ngokogcina ngimbona
Isiyisihlanu iminyaka ahamba ngim’thumela ukuna ayofunda emfundweni ephakeme Namhlanje ngiyezwa ngidonsa ngelokugcina igiya
Kwazise indawo ashiya kuyo akulula ukuba sidonsane emoyeni
Kanti nebhasi lifika kanye ngonyaka elizothulula abaqhamuka emadolobheni
Selaze langiphelela ithemba lokuba uyobuya
Ngoba nokuyoma esitobhini kung’vusela usizi
Uma ngibona izingane zonina zibuya bezanga ngenjabulo nothando abazali bazo
Ngizibuza ukuthi kweyami indodana kwakhala nyonini
Akukuningi okungenze ngabhala lencwadi ndodana
Ngenzel’ ukuba mhla ubuya uyithole ikulindele
Ngoba mina esami is’khathi sesingiphelele
Nodokotela ukuqinisekisile ngoba lokhu okuwu mdlavuza sekuhlafune
Kwaze kwanginqoba
Mabili qwaba amaviki asalele uthando enginalo ngawe lidlul’ igolide uqobo
Uyohlezi uyigugu ndodana yami yimina uyihlo