Bengifuna ukumthanda kodwa wanqaba
Wathi eyakhe inhliziyo inomikazi
Ngifisa ukumvula amehlo abone lomthakathi
Odlala ngenhliziyo nangomzimba wakhe kodwa wathi ufuna ubufakazi
Ayi nami angisazi ngilixoshe ngani lolusizi olubulala inhliziyo yami

Bengimthanda konke abefuna bengizomnika
Izinyembezi ngizomsula
Injabulo ngizomupha
Ubezohlala entendeni yesandla
Phela yena ubezoba undlunkulu akhombe ngophakathi

Banqinisile uma bethi uthando aluboni
Emehlweni akhe lomfwethu akoni wena owabona ingilosi
Nami ngimthandela yona lenkani yakhe
Inhliziyo ibalise kazi ucilo uyoshaya yini endukwini!?
Sengikhathele ukubuka isithandwa sami esingakathandani naso kudlalwa ngaso emini libalele
Ukubuka umuntu ongamthandi ofuna ukufeza izinhloso zakhe ngaye
Kodwa nawe walokhu ubambelele kuloluthando elumjondolo owayo?

Ngithule ngilalele emvikela ‘alikho isoka elingena sici salo’
Ngimphikise ukuthi amathanga ahlanzela abanganamabhodwe
Ngihluleke ukuzibamba kade ngibuka isikhwebu sidlala inkawu
Unanezimpawu zokuthi umbeka sandla
Ngilinde kodwa lutho bengithi uzomfahla
Nomusa mawungabhekile ngiqinisile sizokufihla
Ahleke ahambe

Yebo bengimthanda kodwa nebifaselwe igcina isikhathele
Uyena nenhliziyo yakhe bazikhethele
Angithule ngibuke zilime ziyetsheni
Nginokwesaba kungase kube njengamagama enkehli
Ngibe nje ngamazolo ebona ilanga
Ngikuyeke kukhulele nokhula
Ukhumbule mhla kufika uzamcolo nezikhukhula
Mhlawumbe kobuye kulunge ngelizayo

Lo olele la bengimthanda ngamyekela ngathula ngambuka igodi ezigumbela
Namhlanje uselele kobandayo lenkawu isize yamhlukanisa umphefulo nenyama
Uthando lwami ngingasamnikanga uthando lwakhe ngingasalwazanga
Bengifuna ukumthanda akusenani isitsha esihle asidleli