(UBusisiwe esephuma ngesango ahlangane noMaDlamini)

Busisiwe: (Echiphiza izinyembezi) Ma! Yimina uBusisiwe!
MaDlamini: Habe! Nguwena impela! Ubuyaphi kodwa Busisiwe?Umawakho useze washona solo ekulindile kodwa ngane yami wena lutho ukubuya.Musa ukukhala.
Busisiwe: Ma umalume ungixoshile! Uthi akangifuni kwakhe! Ukwate uyaviva ma!Anginayo nendawo yokulala! (Ekhihla esikaNandi)
MaDlamini: Awuu! akukho okuzolunga manje ngane yami sekuhlwile! Hamba uye ekhaya lakini uzofica uSandile umtshele ukuthi uzolala khona.
Busisiwe: Ngiyabonga Ma. Ngiyethemba ukuthi kusasa uma ngibuya umalume uzobe esewehlisile umoya.Angiphuthume.(Ephuma ngeSango)
MaDlamini: Kulungile Busisiwe.

ENDLINI KWAXULU

MaDlamini: Hau! Baba ingane ifika nje senixabene? Yini lengaka kodwa?

Vusi: Ayy MaDlamini! LoBusisiwe ndini lona ufika nezaga!
MaDlamini: Kwenzenjani baba?
Vusi: UBusisiwe ushadile kodwa thina asazi lutho!
MaDlamini: Umshado omhlophe?
Vusi: Amalobolo! Ulotsholiwe kodwa thina asazi lutho MaDlamini! Amalobolo akhe athathwe abangani bakaThemba ndini!
MaDlamini: Hhay hhay baba! Yithi uyadlala !
Vusi: Injalo nje indaba !
MaDlamini: Hhay hhay baba! Lengane kumele ibuye izochaza ukuthi kwenzenjani ngempela! Hhawu! Saze sahloleleka!

***