UTeklo ubecabanga ukuthi impilo imujikele. Kanti cha! Impilo ayimujikelanga uTeklo. Empeleni nguyena uTeklo ojikele impilo. UTeklo usebonile ukuthi impilo ayisoze yamulahla umuntu. Ngisho noma izinyembezi zehla ngezihlathi. Ngisho noma kuthiwa uzwa ubuhlungu, inhliziyo iphukile, kufanele wazi ukuthi impilo iyohlezi ingakwelakho uhlangothi. Impilo ayisoze yakujikela, futhi ayisoze yakwethwesa umthwalo ongaphezulu kwamandla omqondo nomphefumulo wakho. Kufanele wazi ukuthi sonke isimo obhekene naso njengamanje sizodlula, siphele, kuphinde kube mnandi futhi empilweni yakho.

Zama ukufana noTeklo owayengazazi ukuthi uphilelani kodwa namhlanje uyazazi ukuthi uphilelani. UTeklo uyabona manje ukuthi yini lento impilo emulethele yona la emhlabeni. Kube khona isikhathi lapho impilo imuvivinye waze wagcina ezitholile ukuthi ngempela yena ungubani. Lokhu kuvivinywa kwamenza waba ngumuntu abengakaze acabange ukuthi angaba nguye. Ngiyathemba ukuthi uyabona ukuthi uma uTeklo ekwazile ukudlula ekuvivinyweni kwempilo nawe ungadlula. Wena yini ezokuvimba ukuthi ungadluli, uphumelele ngoba uTeklo ukwenzile?

Izimo zethu azifani kodwa okuhle ukuthi asikho isimo esingadluli. Ngisho uthanda noma ungathandi, yonke into iyadlula. Konke kuyenzeka uma ukwenza ngokuzimisela. Ekuzimiseleni kwakho kunomvuzo nempumelelo edlula ukucabanga nokuqonda kwabantu. Ungaziyekeleli futhi ungadikibali ngoba ukuziyekelela nokudikibala kufana ncamashi nokujikela impilo. Empeleni impilo akukhona ukuphefumula nje kuphela. Phefumula, kodwa phefumula ngokwazi ukuthi ufunani empilweni, futhi usebenze ngokuzikhandla ukuze uthole impumelelo. Ukuzikhandla kwenze kufane nokuphefumula kuwena.

Zama ukungafani noTeklo ngesikhathi engakayiguquli impilo yakhe. Phela engakaguquki uTeklo wayephila ngokubeka ithemba lakhe ebantwini kodwa yena ngokwakhe engenakho ukuzithemba. Zama ukufana noTeklo lo oguqukile ngoba yena uzimele kodwa ekuzimeleni kwakhe akakulahlanga konke akufundile ngokuhlangana nabantu. Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi umuntu ungumuntu ngabantu. Umuntu uphila ngabantu. Umuntu nomuntu unempilo yakhe abhekene nayo kanye nomphefumulo wakhe. Noma kunjalo kodwa ukubambisana nokuphilisana kuyafuneka empilweni, ngoba impilo nokuphila kuwukusizana nabanye abantu. Ngalokho ngithi sukuma uzimele, ube ngumholi wempumelelo yakho kanye nempumelelo yabanye abantu.

Ngithi kuwena zama ukufana noTeklo owazifundisa ukuthi akasoze ahluleka ukuthola injongo yokuthi uphilelani. Futhi ekutholeni kwakhe injongo wakwazi ukufeza lokho impilo emulethele ukuthi akufeze. Zifundise ukubekezela uma kuvela izivivinyo zempilo, ngoba izivivinyo zempilo zifana nomlilo opheka ukudla okumnandi futhi okuhle. Nawe uzoba muhle futhi ube mnandi uma usudlulile ezivivinyweni zempilo wanqoba. Wonke umuntu uzothi uma ekubuka afise ukuba nguwe ngoba uzobe usumuhle futhi umnandi ngazo zonke izindlela ngenxa yokuthi uzobe usuphila ubuwena bakho. Izivivinyo zifanise nomuntu ohlezi phezu kwembongolo emile othi uma efuna ihambe futhi igijime aqale ngokuyishaya. Nawe ngifuna wazi ukuthi uma impilo ikushaya isuke ikududulela empumelelweni yakho.

Ukuze uTeklo azithole ukuthi ungubani kwaqala ngokuthi azonde isimo ayephila ngaphansi kwaso. Ngaso leso sikhathi futhi wacabanga ukuthi yisiphi isimo noma isimo afisa ukuphila ngaphansi kwaso. Kwathi uma esekutholile lokhu wacabanga nokuthi uzophuma kanjani kuleso simo akusona ukuze afike kuleso simo afisa ukufika kusona. Namhlanje angeke ngithi uTeklo usefikile kuleso simo afisa ukuphila ngaphansi kwaso, kodwa ngizothi kuwena ukusebenzela ukufika kuleso simo ikhona uTeklo ayezalelwe ukuthi akwenze lapha emhlabeni. Ngesinye isikhathi kuba nzima endleleni yakhe uTeklo. Kuba khona izikhathi lapho ebona sengathi impilo iyaphela, kodwa akalilahli ithemba ngoba useyabona manje ukuthi izivivinyo ziyamkhulisa ziphinde zimuqinise. Izivivinyo zempilo ziza nezinto okumele uzifunde ezizokwazi ukuthi zikusebenzele ngelinye ilanga.

Zama ukufana noTeklo okwaziyo ukufunda izifundo ngazo zonke izimo zempilo eziqhamuka kuye. Ungafani noTeklo wakudala owayebalekela izimo zempilo yakhe, ngoba ekubalekeni akunampilo. Kubalulekile ukwazi ukuthi ukubalekela izimo zempilo kuwukukhetha inhlupheko engapheli. Fana noTeklo omusha onamacebo amaningi okunqoba izinkinga zakhe, ungabi uTeklo wakudala owayehlezi ekhala ngokuthi impilo inzima kodwa engenzi lutho ekungukuzama ukuguqula impilo yakhe ukuze ibe nenjongo kanye nobumnandi. Ubumnandi yinto ongasoze wayibona uma ungazenzeli yona, ngoba impilo thina abantu yasenza saba yilabo okumele bazenzele ukuthi ibe mnandi.

Yebo bakhona abantu abasenzelayo ubumnandi besikhashana empilweni. Kodwa ubumnandi besikhashana abugculisi, ngoba uma sebuphelile uTeklo wakudala wayebuyela ezinhlungwini zomhlaba. UTeklo oguqukile, wamanje, useyazi ukuthi kuze ahlale emnandi empilweni kufanele asukume azenzele lobo bumnandi ngengqondo yakhe. Ingqondo kaTeklo inamandla ache. Amandla kaTeklo iwona okumele amfikise kulokho ekufezeni izinjongo zalokho mpilo emulethele khona la emhlabeni.

Namhlanje ngiyacabanga ukuthi ungizwile. Kodwa enye into ebalulekile okufanele uyazi ngukuthi ukungizwa kwakho akusho lutho uma uzongizwa kuphela kodwa futhi wazi kahle kamhlophe ukuthi angeke unyakaze. Zama ukufana noTeklo omusha ngoba yena akasimoshi sikhathi sakhe. UTeklo omusha wasukuma kwaba kanye ngoba efuna ukuzibona ephumelela empilweni. Umbuzo omkhulu wempilo uwodwa. Uphilelani uma ungafuni ukuphumelela? Impendulo ozoyithola uma uzibuza lo mbuzo ngiyacabanga ukuthi izokunika isizathu sokuthi kungani ulapha emhlabeni, nokuthi kufanele wenzeni ngalokho okuzwile. Kodwa mina ngithi kuwe: Zama ukufana noTeklo omusha ngoba angeke aphinde angabaze amandla anawo. Yiwona kanye lawo mandla omqondo okufanele kube yiwo amkhipha ethunzini elimnyama amubeke ekukhanyeni.

***