Kwangena ucingo emini kungumgqibelo luphuma kudadewaba kaPrincess uPrecious…
“Molweni dadewethu ninjani kodwa, ngiphuma ukobheka umama endlini ngifike umnyango ukhiyiwe engekho ngabe unalo ulwazi lokuthi uye ngakuphi?”

Yebo dadewethu ninjani, umama uyasebenza namuhla akekho endlini uzobuya ntambama nami angikho bengisavakashele uBaba wabantwana. Kuleyo nkulumo ababanayo uPrincess noPrecious , kwavela ukuthi uPrecious ukhumbule unina nokwenza ubelale engambonanga, wabe esethembisa udadewabo ukuthi uzobuyela endlini ntambama ayabheka unina.

Ngempela bavalelisana wabeka ucingo emamatheka uPrincess ukuzwa udadewabo onothando ekhuluma kwicelula, phela laba bazalwa bobabili nje qha akekho omunye. Umfowabo wabashiya ngeminyaka yabo-2003 okwabashaya kakhulu kanye nonina wabo. Waphinde washaya futhi ucingo uPrecious egcizelela kudadewabo ukuba uyamthanda kakhulu.

“Mama wabantwana ngizwe ukukhuluma nocingo ngabe ubanilona obekuhlekisa kangaka?” kubuza uyise wabantwana bakaPrincess…. udadewethu.” Wabe esexoxa lonke udaba uPrincess esho nokuthi udadewabo uthe aze amkhonzele kuyena uSbali abuye akhonze nakubantwana . kwamthokozisa ubaba wabantwana bakaPrincess ukuthi laba bobabili bathandana ngaloluhlobo. Kujwayeleke ukuthi abantu mabelamana bahlezi beklwebhana wena owabona amakati. Kanti futhi umabekhuliswe kahle nenhlonipho benayo bayazwana bathandane kakhulu okwenza nekhaya lifudumale.

Ngentambama yalowomqgibelo uPrincess wakhala ngezinhlungu ayenazo esiswini, uyise wabantwana wabe esemphuthumusa emthalampilo owawuseduze nalapho babehlala khona eMthwalume, koda udokotela owabasizawathi akaboni lutho olungabandakanywa nokuzithwala ngakho bangagoduka baye ekhaya wase ekhipha amaphilisi ezinhlungu. Bathi besuka lapho basebeya ngasezitolo ukobheka izintwana ezincane ezabezishoda ekhaya, babe
sebebuyela ekhaya nelanga selithambeme.

Ngemepla bathi ukuhlala koda izinhlungu zayaziqina, uthe uPrincess esuka waya endlini yangasese ngezithuba zabo11 ebusuku, wezwakala ememeza uyise wabantwana owangena nezicabha endlini yangasese , wabe embona ukuthi akaphathekile neze. Igazi labeligcwele phansi esephelelwe nangamandla kungasahambeki. Bavuse omunye wesilisa owabe ekhona endlini bemchazela ngokwenzakayo basebenxusa lomlisa ukuba ababhekela abantwanyana ababe belele.

Banikela emtholampilo lona okade bekebawuvakashela emini, bafika odokotela abebenobubela obuyisimanga babesebemsiza. Wabe esezumeka kodake nezinhlungu sezithe ukwehla. UBaba wabantwana wabe esephumela emnyango iskhathi esithi asibeside impela. Wabuya esebuya nodokotela kanye namanesi amabili bamthola esalele kanjalo uPrincess.

Kwezwakala udokotela ethi mabamphaphamise ukuze azokwaziswa besekuhanjwa…. Hawu! engabe uvuselwani umuntu engaphilanga na?

“Mazise khona eselana konukuthi uyomazisela ekhaya kungenzeka anyukelwe ushukela kakhulu,” lokho kwakuzosiza ukuba noma kwenzakalani ku Princess koda usizo luseduze…kuqhuba udokotela. Ubaba wabantwana bakhe wabe esembikela ukuthi udadewabo uPrecious akasekho emhlabeni ugwaziwe wathulela khonalapho ngalobobusuku. Wabe esemcela ukuba baphume esbhedlela bagoduke kwazise unina kaPrincess wayesele yedwa ekhaya ebadinga ukuze bazomsingatha.

Wakhala kakhulu uPrincess esesho nokuthi akukwazi ukuthi kwenzeke into enjalo sekungukuphela kwakhe umuntu anaye nomfowabo usewadlula. Kwaba into ebuhlungu amanesi amduduza abe esemnceda ukuze avuke bakwazi ukuhamba. Bavalelisana , Kwaba umunyu kumanesi ebona lesisimo noPrincess ebabonga ngokuba mnene. Yahamba imoto yayositha basala bedabukile ukuthi umuntu obengene esesimweni esinzima kuphinda kwenzeka into engaka kuyena. “Ewuuu ! Nkosi usizi lwani koda? Kubabaza inesi.

Babehambe beshiye abantwana ekhaya kukhona nomfanyana oneminyaka emihlanu lokhu komfanyana kwabe kumthanda kakhulu udadewabo kanina uPrecious. Ababanga besachitha sikhathi balungiselela ukuphindela ethekwini , babesebebonga kumlisa owababhekela abantwana ebusuku besigameko. Abazanga nokuthi bazoyiqala kanjani indaba engaka kumfana wabo, wayehlakaniphile nokho umfanyana lo ngoba wabona ukuthi kukhona okushaya amanzi kubazali bakhe.

“Baba kutheni namhlanje sigoduka ekuseni kangaka?” wethuka ubaba koda wabuye wabanesbindi echazela umfana ukuthi wenzela ukuthi uninakhulu ekhaya abeneskhathi naye kwazise kade bagcinana. Yasuka imoto kwahanjwa. Uthule uPrincess indlela yonke akuvumi amukele lezizindaba. Babehamba bexoxa nomfanyana kubuye engathi bayakhohlwa ezwakale esehleka noPrincess. Nendlala isikhona kodake akudleki lutho kwazise kuba njalo uma uzwe lezizindaba.

Kuthe uma befika ekhaya , nangu umama ulindile lapha phansi eduze kwamakhandlela kuvele kubacacele ukuthi ngampela akasekho uPrecious. Laba bobabili sebekhululile uPrincess noBaba wabantwana bakhe, abazange besekhala nomama naye owabonakala ekhathazekile waba nesibindi wabalandisa ngokwenzekile.

“Kufikile umfana kamakhelwane ezongivusa esho ukuba angiphuthume kwenye yezindlu ezabe ziseduze kwalana babehlala khona, banikela khona begijima nomunye umama wakhona lapho kwakuvela khona lomfana , bafika nansi ngampela intombi enhle uPrecious ulele akakambozwa kwazise namaphoyisa athatha iskhathi ukufika…

Ewu! Izulu Lakhetha Ukumthatha uPrecious… akasekho. Ngokubona ukuthi igazi lase ligobhoza ngokuxakile , umama ka Precious wayebonakala elokhu evimba igazi ukuba lingahambi indlu yonke elokhu ebeka izingutshana eyizicosha khona lapha kulendlwana. Kwabe sekufika amaphoyisa ephonsa imbuzo kubanikazi bendlu nokwacaca ukuthi kube nokungazwani phakathi kuka Precious nowayeyisoka lakhe elagcina ngokumgwaza washona.

Amaphoyisa agcina ewuthathile ahamba nawo umzimba kaPrecious , umsolwa wayengasabonwa ngangokhasha. Ababehamba nomama ka Precious basala bakhuculula indlu kwazise igazi lalichaphake indlu yonke. … kulandisa unina kaPrecious
UPrincess owayevele engaphilanga kahle kwafanele ukuthi akhalisane nonina njengoba base besele bobabili.

UPrecious Izulu Lakhetha Ukumthatha kanjalo nomfowabo Izulu Lakhetha Ukumthatha. Kwakusafanele aye esbhedlela esiseduze ukuze ezolashwa ngokwanela, wayecele incwajana eshoyo ukuthi usadinga ukulashwa. Unina kwamphatha kabi kakhulu ukuthi uPrecious udlule emhlabeni ngesikhathi esithi asifane nalesi uPrincess angene ngaso esbhedlela eMthwalume lapho ayeyiswe khona ngu Baba wabantwana. Wasala unina nabanye abantwana babafowabo ababeze ukuzozwa lomhlola nabo. Wanikela esbhedlela esisethekwini okungabanga lula ukuba bamthathe bebuza ukuthi uphumeleni eMthwalume ubevele engeke esenze lutho uma udadewabo eseshonile bekufanele ahlale khona alashwe akunamibhede lana sithatha abantu bethu kuphela.

Kusho inesi elalinengekile impela. Kodwa ngoba laba bobabili babezazi ukuthi vele sebehamba nefu elimnyama behlisa umoya okwaze kwafika elinye inesi labomdabu lavuma lathi lizokhuluma nowayengudokotela ngalelo langa ukuba amamukela amelaphe.

Wahlala eshedlela uPrincess inhliziyo koda isemumva kunina, Unina ekhaya uselungisela ukuba afihle udadewabo kwimpelaviki eyayizolandela. Unina wabe esele nalokhu komfanyana kwakhe uPrincess noyise esephindela lapho wayesebenza khona ukuze ayobazisa ngesimo esimvelele bese ebuyela kahle ethekwini ukuzosiza umama ka Princess. Lokhu komfanyana ngokuzwa bantu abelokhu bengena bephuma ukuzokhalisana.

Izulu Lakheth noninakhulu kwabe sekwazi ukuthi udadewabo kanina akasekho, kubonakala nje nokuthi kuthintekile. Thina ngezikhathi zethu sasingakwazi ukufa futhi singasheshi nokubona ukuthi kukhona okwenzakalayo koda lezizingane zamanje zazi yonke into, noma kubukwa omabonakude uzizwa sezisho ukuthi usibani bani udutshuliwe uzoshona. Kwabe kubuza kuninakhulu ukuthi ubani obulale u Antie …Gogoo? kwakubanzima nokuphendula kunina kukhulu koda abuye asho ukuthi isgebengu. Kwakubuhlungu kakhulu ukuthi lomama osekhulise kangaka abantwana bakhe koda sebeyamshiya.

Ngeminyaka yabo 2003 kwadlula indodana yakhe emva kokudutshulwa eGoli lapho yayihlala khona noyise, kwaba iskhathi esinzima kakhulu kwazise wayesanda nokuthula umtwana owabe esanamasonto amabili ezelwe. Sekuthi futhi emva kweminyaka eyishumi okwabe kungu 2013 sekudlula indodakazi yakhe. Wayesesele no Princess naye owayesegana nomyeni wakhe eselobola. Sekukhona nokwesaba ukuthi kungenzeka ukuthi umkhokha okwakufanele uvalwe ekuqaleni owokuthi abantwana badlule ngesikhali kanje.

U Princess owabe esesbhedlela iyamfikela manje naye imcabango yokuthi udadewabo wayeseboniswa indlela kwazise kuthe kungu January wawo u 2013 wacela kunina ukuba abayise ebhishi , lalibalele kakhulu ngalelolanga nebala unina wabe esebanika imali kwahanjwa njalo ngemoto yomyeni ka Princess naye umama ekhona. Baba nosuku oluhle kakhulu benza nabangakaze bakwenze bangena olwandle bebambene ngezandla kwazise babelisaba kakhulu, koda ngalelo langa babebambene ngathi abakaze baxabana nokwathi umabeqeda ukubhukuda unina wabayisa lapho babezofika badle isidlo sakusihlwa . babanempelasonto enhle kakhulu.

Nakhona lapho uyena u Precious owacela unina ukuba abayise nje ngoba babengayanga ngo December nokwaziwa njengesikhathi sokuzijabulisa. Lokho kuphinda kuletha imicabango yokuthi udadewabo ubesefuna babe nezinsuku zokugcina ezimnandi.. wayesebabulele ngensini nakhona lapho endaweni yokudla ebabuza ukuba bahlaleleni phansi ubani ozobalethela ukudla kwabo, engazi ukuthi kulezindawo unikwa umuntu ozokusiza wena uhlala phansi ubize ukudla okudingayo, ngayizolo ngaphambi kokuba adlule emhlabeni wayesekewashaya ucingo yena u Precious eshayela udadewabo emini ebuza ukuba uphi unina umkhumbule kakhulu , futhi wabe esemtshela naye ukuthi uyamkhumbula makabuye bazohamba baye kunina wabo washo nokuthi uyamthanda kakhulu nokuyinto ababengavamisile ukutshelana yona.

Kuyenzeka futhi ku Princess ukuba akhumbule ukuthi udadewabo uke wababikela ukuthi usefuna ukubuyela emakhaya lapho bevela khona ayohlala khona nomalumekazi wabo unomphelo bahleka nonina bembuza ukuthi wena usangakwazi ukuhlala lapho, yena futhi u Precious wacela unina ukuba amuphe isketi esabe simnyama neshethi elalimhlophe ufuna ukuliqgoka kwi interview ayezoya kuyona ngomsombuluko walowo mgqibela bahleka futhi bembuza ukuthi uzobizwa ubani kwi interview njoba ungakaze ufake izicelo zomsebenzi. Koda ngalowomsombuluko udadewabo wayesuswa emakhazeni asethekwini eyiswa kwawakubo ngasekhaya eNdwedwe. Kuyazisho ukuthi iyona nhlolokhona ayezoba nayo udadewabo.

Sekubuhlungu nakuye u Princess ukucabanga ukuthi usesele yedwa noma yena engagcina ekwazile ukuziduduza koda unina uzomthini ngoba phela lokhu sekumphinda okwesibili. Sekukhona novalo lokuthi hlampe naye uyodlula ngendlela ethi ayifane ngoba nakhu sekwenzekile ebantwaneni bakwabo.. sibuye silalele esikutshelwa ngabantu phela.

Bakhule kahle koda laba bantwana ngaphansi kwesandla sentombi endala eyabe izala unina wabo ngoba bayakwazi ukukhuleka bayamsaba kakhulu uNkulunkulu, u Princess wayelokhu engakhohliwe ukukhuleka nakuwona lowombhede wasesibhedlela. Kubonakala ukuthi ufisa ukuphuma mgokushesha ukuze ayoba nonina kulesisikhathi sobunzima. Kwaze kwaba uyaphuma ngolwesithathu waphuthuma ekhaya bafika baqhubeka nokulungisa nonina owayesebonakala esemukelile. Unina ka Princess kanye naye u Princess bayamazi umbulali

kadadewabo bebejwayele ukumbona ngoba naye ubehlala kuyo lendawo abebehlala kuyona. Kodwa basebezwile ukuthi usebaleke waphindela ngakubo lapho ezalwa khona. Wazinikela emaphoyiseni koda ama ngokuthi abukho ubufakazi, wagcina engaboshwanga kanjalo. Kuthe noma abantu bembonisa unina ka Princess ukuba avule icala emaphoyiseni koda wala wathi lokho ngeke kusayivusa indodakazi yakhe. Kepha wayenaso isifiso sokumbuza umbulali ukuthi kwakwenze njani aze akhethe ukumphucha uthunjana wakhe na?

Kwakungenazimpenduloke nokho. Unisibindi unina wabo uzibambela mathupha ukulungiselela ukubeka indondakazi endlini yayo yokugcina. Isketi leso eyayiscelile kanye neshethi useyoyimbathisa khona mzwane ibuya emakhazeni kwazise yabe ikucelile. Ngempela yafika impelasonto wabekwa kahle u Precious. Kwafika nabangani ayesenabo ngale ethekwini ababehlala khona oPrecious, kwakuthulekile kulomuzi ubona nje ukuthi kunzima, lathi lapho lehla ibhokisi zehla izinyembezi kuPrincess ecinga unina owambona ekhala kakhulu naye… kodwa Nkosi senzeni ukubhekana nalobu bunzima ? kukhala uPrincess. Phela imvamisa kuze kukholakala ngalo usuku lomngcwabo ukuthi umuntu akasekho, lesi yisimo esingemukeleki neze .. Izulu Lakhetha Ukumthatha kanjalo u Precious.

Kuthe sekuphele izinyanga eziyisithupha u Preciuos ehambile kwacaca ukuthi sekumele bafunde ukuhlala ngaphandle kwakhe ekhaya. Unina wabe esethinta unina wengane kamfowabo ka Princess ukuba ayivakashise ngamaholidi okuvalwa kwezikole nebala wavuma. Yabe isikhulile kakhulu isiziqonda nezimo, yafika yaduduza uninakhulu ukuba akhumbule uthando enalo ngaye. Bahlala ngokuvakashelana kanjalo kwaze kwaba uyajwayela uninakhulu isimo ayebhekene neso.

***