Siziba

Siziba

Chibi

Mfula

Mlambo

Mdineka nhlabathi…. Manzi

Mland’omkhulu ongawel’abantu

Owel’izinkonjane zon’ezinamaphiko

Okubhabha zindizele phezulu

Wona owabulala umuntu ongenaqala

Ngoba engeyo’inhlambi

N’ina basemachibini

Isiziba esingawomi Manzi

Isiziba samanzi aphilisayo

Ndwandwe

Maphisa

Mlambo

Dumizulu!!