Mfundo Mfundo

Ngabe yiciniso yini lelo engilizwayo?

Ngabe uwena owenze ukuthi

-Abashayeli bezindiza bakwazi ukuzishayela?

-Odokotela bakwazi ukwelapha abantu?

-Abaphathi bamabhisinisi amakhulu bawaphathe ngolwazi nango kuzethemba?

Hha! Uyisimanga

Mfundo?

Ngabe ungiphathele isasa elinjani

Ngabe ngizokwazi ukwenzani

Mfundo?

Ngabe uvela uvelaphi

Ohhh! Sengiyabona

wenze ukhanda khulu

Ogcwele Inqondo ekhanda

Owabona impumelelo yezizwe

Ziphumeleliswa uwena mfundo

Mfundo

Ngabe ukephi owakudala

Ngifisa ukumbona ukhanda khulu

Ngithemba akumina yedwa ofisa lokho

Kodwa izizumbulu zabantu abaphumelele

Khona sizombona simbonge

Ngokusilethela isipho esinguwena