Ngaphesheya komfula kuhlale kukuhlaza

Bazokutshela aba ngeneno njengawe.

Ngifisa ukukutshela mina ukuthi

Nalana omukhona kukuhlaza nakhona.

Abanga phesheya babona okufanayo nobo

Bafuna ukuza la umikhona.

Bazokutshela abaseMampondweni

Bathi uyaphathwa umuthi kwaZulu.

Kanti abakwaZulu bazokutshela

Ukuthi uyaphathwa umuthi emaMpondweni.

Injalo into mayikude ihlala ikhazimula

Ukwedlula eseduzane.

Ngikhulile ngifundile

Futhi ngibonile.

Intombi iyayenza indoda idele uNkosikazi

Iyiyenga ngenhlonipho edlulayo.

NoNkosikazi uyayilahla indoda yakhe

Eyengwe ngobukhazikhazi obudlulayo.

Ongayiniseliyo eyakhe insimu

Uyohlale ebona ezabanye zikuhlaza.

Shanela lana umi khona ungazikhohlwa

Ukuthi nawe ungaphesheya komfula.