“Phela uNgubo unguNkulunkulu uqobo lwakhe. Ayikho into emehlulayo. Mina ngize lapha ngaba nenhlanhla ngathola yena. Wavele wahleka kancane wathi ngingakhathazeki. Laphela isonto umnyeni wami esebuyile kimi. Waze waguqa ngamadolo ecela uxolo. Wafunga ukuthi akasoze wangijolela futhi. Phela wayeseqonywa ngisho endaweni ebukisa ngami,” kusho omunye wesifazane.
Libuye ithemba kuFezile. Acabange esekhululelwe esethandiswa, elokhu ethumela uLindani esitolo. Uyazibona ngamehlo engqondo elungiselela igumbi lapho kuzolala khona ingane yabo. Uzicabanga elifaka imibala emihle.
Avele amamatheke yedwa uma esecabanga umntwana esefikile emhlabeni. Uzicabanga esemphethe, bephuma esibhedlela kuyiwa ekhaya. Ayikho into ayifuna njengokuba umama. Ukuze ngisho evuka ekuseni azi ukuthi usebenzela abantwana bakhe. Ngokuphazima kweso ugcina engenile ngaphakathi.
“Igama lami nginguNkululeko, ngisebenza khona lapha ekhaya kwaNgubo. Ngingakusiza ngani namhlanje, Sisi?” kubuza umsebenzi ngesizotha.
“Eyami unkinga inkulu bhuti wami. Angazi noma nizokwazi yini ukungisiza kulesi simo engibhekene naso,” kusho uFezile ecweba izinyembezi.
“Ayikho into engenzeki lapha kwaNgubo. Wena khuluma thina sikusize, maduzane uzobuya usuzobonga,”
“Sengishade iminyaka eyisihlanu kodwa lutho abantwana. Ngicela ningisize,” avele adazuluke ngokukhala.
“Ungakhali sisi, thina sesisize ngisho abantu asebeshade iminyaka engaphezulu kweyakho. Ngisho abantu asebebadala ukuthi bengakhulelwa,” kusho uNkululeko emnika ithishu.
“Niyithemba lami lokugcina. Sekusele kancane umshado wami uketuke. Umamezala umfuna la umzukulu,” kusho uFezile.
“Yehlisa umoya, konke kuzolunga. Ubukhala izinyembezi zokugcina, Sisi. Ngizokunina amanzi abusisiwe kanye namafutha. Amanzi uwaconsisela endishini ugeze ngawo. Bese ugcoba amafutha ebusuku usuyolala.”
“Ngiyezwa.”
“Lezizinto kumele uzithembe ukuze zikusebenzele. Kumele ukholwe ukuthi uNgubo uzokusiza. Ngiyafunga ngiyagomela angeke iphele lenyanga ungakhulelwanga. Sizobona ngawe usuzobonga.”
“Asithembe kanjalo. Ngingajabula kakhulu uma ngingasizakala.”
“Uzokhokha lapho ngasemnyango. Amafutha angu R200, amanzi angu R35.”
“Ngiyabonga, inkosi inibusise.”
Sitshele umbono wakho: Sikhona isidingo sokuthi umfundisi owenza izimangaliso adayise amanzi kanye namafutha?