Angisakhoni
Ngizamile ngiyahluleka
Angihlulwa ukuzama kodwa ngihlulwa ukuzibamba
Sekukaningi ngikweshela sithandwa sami
Ulokhu uyangithembisa kodwa ithuba angilitholi
Angisakhoni, akusavumi
Kwesinye isikhathi nginokuzitshela ukuthi angikuboni
Kodwa ngaphakathi unembeza uyangiphikisa
Angazi noma sengiyisicefe yini?
Kodwa nje ngikuthandile
Izinhloso zami ngawe zinhle zodwa
Sala uqoma ntombi sesiside lesikhathi ngikulindile empilweni yami
Sale ubuya themba lami kuyabanda endlini
Noma usukhathele ukushanela igceke, sala usubuya Ma wezingane zami
Sengibekezele kwanele, okudlula lokhu sekungukufa
Impilo ayiphelele ngaphandle kwakho
Buya Themba lami