“Uyabona-ke, ndodakazi, thatha lesi sikhwama uphefumelele kuso, bese usibuyisa lapha kimi,” kusho isangoma.

UNtombi uthatha lesi sikhwama bese ethi, “Yebo, Makhosi!”

Uphefumulela esikhwameni uNtombi maqede asibuyisele esangomeni.

Isangoma sibukisisa isikhwama isikhashana, maqede sibuke uNtombi, sithi, “Hha! Amakhosi athi konke kuhamba kahle! Uma ngabe ingahambi le ntombazane kuloya muzi, nakanjani uzoyibulala ngezandla uSqiniseko lo omfunayo. Uyangizwa, ntombazane?”

“Makhosi!” kuvuma uNtombi.

“Akusensuku zatshwala nibuyelane,” kuqhubeka isangoma,“Ngikhuluma nje uhlale ecabanga ngawe maqede kuthi akamudle amfele uzakwenu. Uyangizwa?”

“Makhosi!” kuvuma uNtombi emamatheka. “Manje ngizokwazi kanjani uma esehlukene noNobuhle uSqiniseko?”

Sihwaqe ebusweni isangoma, “Ithini le ngane, madoda? Uzokulanda yena. Akasayifuni akazenzisi le ntombazane. Kuyacaca ukuthi umuthi wawusebenzisa ngendlela. Le nyanga izophela sekungowakho loya muzi kaSqiniseko. Thatha nanku futhi omunye umuthi.”

Isangoma sinika uNtombi isijumbane esigoqwe ngephephandaba. “Lona-ke ufike uwufake emalahleni, umemeze. Ulibize kathathu igama likaSqiniseko. Uzobona ngaye esezifikela kuwena.”

Nangempela awuthathe uNtombi umuthi, akhokhe, ahambe. Injabulo ibhalwe ebusweni kuNtombi. Phela uNtombi nguye intombi yokuqala kaSqiniseko. Babethandana kukuhle impela. Konakala ukuba kufike lesi siphalaphala esinguNobuhle esikoleni, zajika izinto. USqiniseko wamala uNtombi wathandana noNobuhle.

***

Sitshele: Uthini ngalokhu okwenziwa uNtombi ukuthi yena afune ukubuyelana nomuntu owamlaxaza waqhubeka nomunye umuntu? Ngabe uNtombi wenza kahle ngokufuna ngazo zonke izindlela ukubuyelana noSqiniseko?