USqiniseko uvula uziphu wejazi aligqokile. Uhleka sakubhuqa, akhiphe olude ugotsho lommese awubeke eceleni kwakhe etafuleni.

“Kodwa Sqi ngenzeni? Uma ngabe kone mina, ingane yona yenzeni?” Sekumanzi isifuba kuNtombi ngenxa yezinyembezi.

“Ngithe kuwena Ntombi buka logwayi engiwubhemayo ukuthi usungakanani. Uma ucisha kusho ukuthi nempilo yakho izocisha.”

Nangempela athule athobele umthetho uNtombi. Awugqolozele umfuqulu wensangu. Sewuyela maphakathi nendawo. Intuthu isivimbanisile. UNkululeko usethule uzidlela isandla sakhe. Kuyabonakala ukuthi uyozela umntwana kodwa uphazanyiswa ukukhwehlela. Ziphophoze ngamandla izinyembezi kuNtombi.

“Hee! Madoda! Namanje angiyikholwa le nto. Ngalahla umama wengane yami ngenxa yakho? Ngalahla uNobuhle ngaqoka wena? Namhlanje uzolikhipha iqiniso, Ntombi.”

Unikina ikhanda akaqedi uSqiniseko, ufana nomuntu ovuka ebuthongweni obude. KuNtombi inkukhu isinqunywe umlomo.

“Awuzibheke ukuthi ukhuluphele unjani? Ubhizi ungidonsa ngekhala! Umhlaba lo usentendeni yesandla sakho. Udla okufunayo ngesikhathi osithandayo. Umama wengane yami yena angimazi ukuthi ukuphi. Angazi nokuthi lapho ekhona udlani. Wena uhleli ntofontofo, yena angazi noma wembethe lapho ekhona noma cha. Manje awusho, wawuthathaphi lo muthi owangixabanisa noNobuhle ngacishe ngambulala?” USqiniseko usemi ngezinyawo. Asondele ame eduze kukaNtombi.

“Sqi, s’thandwa sami, ngiyakucela bandla,” uNtombi uncenga ngezindebe ezivevezelayo. “Ngicela siyiyeke le ndaba ngoba angazi ukuthi ukhuluma ngani.”

“Usaqhubeka nokuqamba amanga? Jezebel! Ngawuthola phela lo muthi ongibambe ngawo ngesikhathi uyobeletha esibhedlela. Wawuthathaphi lo muthi Ntombi? Ngithi ngihleli nomuntu ongithandayo kanti uyangithakatha?”

UNtombi unikina ikhanda, uyahefuzela, nesibibithwane simbambe phansi. “Hhayi angazani namuthi mina. Akuwona owami. Ngiyafunga, Sqi.”

USqiniseko udonsa insangu, akhiphe ifu lokugcina bese eyicisha phansi. Uthatha ummese. Ngaphandle kokukhuluma, ubhokoda uNtombi ngawo ummese kathathu esiswini. Ahayize uNtombi. Omakhelwane bayohlale bexoxa bethi ukuhayiza kukaNtombi yikho okukhulu futhi okushaqisa kunakho konke abake bakuzwa. Kodwa uSqiniseko yena akezwa lutho njengoba embhokoda ngommese nje.

USqiniseko akezwa noma omakhelwane beshaya isicabha bememeza ukuba avule. Akakuzwa nokukhala kukaNkululeko embhedeni wakhe omncane eceleni kukasofa. Kanjalo noSthembiso oshaya isicabha sasegumbini lakhe ecela ukuvulelwa. NoNtombi ecela ukuba uSqiniseko angambulali. USqiniseko akakuzwa konke lokhu ngoba uma esecasukile akezwa msindo, ekhanda lakhe kuduma ukuthula okumvala izindlebe.

USqiniseko uphakamisa ummese, uyayibona intamo kaNtombi lapho ezombhokoda khona. Omakhelwane bakhahlela isicabha sivuleke. Kuphela lapho ukuthula okumvala izindlebe uSqiniseko. Uphuma angene emotweni ayishaye izule omakhelwane besamangazwe yigazi abalibona liphophoma esiswini kuNtombi.

***

Sitshele: Ngabe uNtombi kumlungele lokhu okumehlelayo?