UNjabulo uphuma engena eyithunga iBMW esinyokothweni sezimoto ezigcwele umgwaqo. Ulalela izindaba zeziteshi ezihlukene emsakazweni athole ukuthi asikho isiteshi esibika ngodaba lokudilika kwesakhiwo Sisikhungo Somphakathi. Ufika emahhovisi eNUZ FM ejabulile ngoba uJoy ethembise ukusebenzisana naye, futhi ucacise okuningi obekumdida uNjabulo.

Abasebenzi beNUZ FM sebegodukile, sekusele umsakazi wasebusuku no David. UNjabulo ufica uDavid ejikajika ndawonye ngaphandle kwamahhovisi. Uphafuza nogwayi okwenza uNjabulo amangale ngoba uDavid esanda kumtshela ukuthi useneminyaka emibili awuyeka. UNjabulo uyasondela abone ukuthi uDavid ukhathazeke kakhulu, isiphongo sishwaqile udlala ingcindezi.

Uthulisa uNjabulo esaqala ukuxoxa ngohambo abeluthathile.

“Njabulo nginokungabaza ngaloludaba Lwesikhungo Somphakathi. Ngicabanga ukuthi siyeke ukulandelana nale ndaba,” kusho uDavid edonsa intuthu kugwayi, “Ngithole ucingo oluvela kuhulumeni wesifundazwe, ngatshelwa ukuthi ukuqhubeka kwethu silandelana nalolu daba kuzokwenza ivalwe imali esiyithola kuhulumeni,” ukhipha intuthu ngamakhala alahle isinqamu ashise omude, “Ngendlela engitatazelise ngayo lento abangitshele yona ngize ngathenga ugwayi ukuze ngehlise itwetwe. Phela sikhuluma ngezimpilo zabantu manje. Ukuvalwa koxhaso lukahulumeni, kuzovala amaholo, kuzolamba abantu. Uyayibona lento engiyichazayo?”

“Kodwa, Mnumzane, uyakhumbula owangitshela khona? Ukuthi intatheli kumele ithole iqiniso. Uwena owathi noma….”

“Hheyi, nginomndeni weNjabulo. Nginezingane okumele ngizikhokhele esikoleni. Wonke umuntu olapha ubheke umndeni. Ngeke silahlekelwe imisebenzi isimo somnotho sibheda kanje. Kuzolanjwa. Izimpilo zabantu zisezandleni zami. Iphela lapho lendaba,” uthatha ukhiye wemoto yakhe, “Ngingakubeka erenki yamatekisi?”

“Kodwa, Mnumzane, iqiniso iqiniso. Singaba yini uma silahla iqiniso” kusho uNjabulo ethatha amagama kaJoy njengoba enjalo, “Umphakathi waseWard 84 wona? Sesizowushiya kanjalo usengozini? Kuzokwakhiwa inkulisa kulesa Sikhungo Somphakathi, ngeke ziphephe izingane. Kuyasolakala ukuthi liyakhwabanisa leli Khansela. Kumele sikuveze lokhu liphume esikhundleni.”

“Khohlwa ilendaba. Ngeke ngilambise abantu abaningi kangaka abangisebenzelayo. Iphela lapho lendaba. Uyangena emotweni?” Liyaphakama izwi likaDavid.

“Cha, Mnumzane, ngingamane ngizihambele ngezinyawo.”

UDavid ungena emotweni asuke ngesivinini. UNjabulo usala emangele, edangele kodwa futhi eziqhenya ngokumela iqiniso.

UNjabulo ufika ekhaya abheke lenkampani enikwe umsebenzi wokwakha Isikhungo Somphakathi ku-inthanethi. Uthola inqwaba yobufakazi bobudedengu bale nkampani. I DZA Construction ithola imisebenzi izwelonke, nangokunjalo ubudedengu bayo bugcwele izwelonke: Ukudulilika kwebhilidi eKokstad, ukuqhekeka kwezindonga esikoleni eMpumalanga, ukushona kwabantu esaythini eMthatha, ukumangalelwa abasebenzi ngenxa yokubasabisa eKimberley. Iveza ivezile i-inthanethi.

Kungena ucingo esafunda le mibiko. Inombolo ayiveli, kubhalwe ukuthi ‘private number’. Akasho lutho lomuntu, uphefumulela phezulu isikhathi eside. Emuva kwesikhashana izwi lomuntu wesilisa lithi, “Uma usayithanda impilo yakho hlukana nokulandelana nale ndaba.”

“Iyiphi leyo ndaba?” kubuza uNjabulo eziqinisa.

Lomlisa aluvale ucingo. Lokhu kuqhubeka isikhathi esiyihora. Kuphela ngoba uNjabulo esemphendule ngokuthi, “Amaphoyisa ayayiqopha lenkulumo yethu. Azokubamba.”

Noma lungasangeni ucingo olumsabisayo kuyasala ukusaba. Ucima ugesi alunguze ebhaka ukuthi akunamuntu osolisayo ongaphandle. Ubheka kaningi ukuthi izicabha zikhiyiwe. Kungena u-Whatsapp eseqala ukuzumeka. Ivela kuJoy Dlamini.

Usanda kungitshele ukuthi ngifike ngesikhathi kusasa ekuseni. Uzobe ephumile usuku lonke. Ngizothola ithuba lokuvundulula. Ngizokwazisa ngalokho engikutholayo. Sala kahle.

Ngaso lesikhathi- elele embhedeni ecabanga ngokukhwabanisa kwe-DZA Construction behlangene neKhansela, ecabanga nangobuhle bukaJoy- uyazithembisa ukuthi lolu daba uzolilandela agcine efikile eqinisweni.

Qiniseka ukuthi uyacophelela, simomondiya. Nami ngithile izingcingo eziyizinsongo. UNjabulo ubhalela uJoy.

Nawe ngokufanayo ucophelele. Kusho khona ukuthi kukhona okushaya amanzi uma bekhathazekile kangaka. WOW@simomondiya. Ngizomomotheka ngize ngizumeke.

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: Ukubona kulungile ukuthi noma ngubani angafuna ukwazi ngemininingwane yomsebenzi owenziwa izinkampani ezizimele? Chaza