Ushaya iBMW kaDavid aqonde eGalleria Mall. Iyazishibilikela nje emgaqweni lemoto, imunandi ngathi izihambela emoyeni. Amagiya azingenela kamnandi, isihlalo simbambe khaxa- konke lokhu kwenza ziphume emqondweni zonke lezinto azibone zenzeka kudilika izindonga zesakhiwo. Uzibuka esibukweni azibone emamatheka. Okunye okumenza amamatheke ukuthi uzohlangana nentokazi enezwi elimnandi. Uyacabanga ukuthi umuntu onezwi elimnandi njengoJoy ushaya ngobuso obuhle.

Uphonsa iBMW eGalleria Mall.

Sengikhona endaweni yokupaka izimto eGalleria 2B. Ngihamba ngeBMW emhlophe. Uthumela le imeyili.

UNjabulo ubuka ucingo lwakhe elindele impendulo kuJoy, ezwe kuvuleka isicabha semoto ngungena isitswebhu sesiphalaphala. UJoy Dlamini muhle uyalidlula izwi lakhe. Amehlo makhulu, mahle. UNjabulo uwabuka isikhashana abheke eceleni ngoba ngathi uJoy ubona konke akucabangayo. UJoy uyisilenda, uzishayela ngezinwele zakhe ezimfishane.

“Ngiyabonga ngokuvuma sihlangane,” kusho uNjabulo.

“Kuyakhokha bo ukuba intatheli eNUZ FM. Iyabiza phela lemoto ngiyazi kahle, umfowethu unayo,” kusho uJoy.

“Eyomphathi wami lemoto. Bengingeke ngihlangane nawe ngihamba ngemoto yasemsebenzini ebhalwe uNUZ FM. Senzela ukuthi ungangeni enkingeni njengoba uzosisiza.”

“Unembeza wami ukhathazekile kulezi zinsuku. Angazi ngempela ukuthi kwenziwa yini ngibone ngathi kukhona okushaya amanzi kule ndaba Yesikhungo Somphakath. Ngicela lingenzeki nelincane iphutha lokuthi kuvele igama lami. Ngingalahlekelwa umsebenzi iKhansela lathola ukuthi ngikhuluma ngokwenzeka ehhovisi. Njengoba ngilapha angazi noma ngenza into ewubuqondiswa ngokukhuluma nawe,” uJoy ubuka uNjabulo ngqo emehlweni.

“Khululeka, Joy, ngeke livele igama lakho. Ngiyafunga ngiyaqinisekisa ngalokho.”

“Iqiniso yiqiniso kodwa. Singaba yini kodwa emhlabeni uma silahla iqiniso?”

“Ngempela, Joy, uqinisile. Bungaphela ubuntu.”

“Kukhona into eyenzeka ezinsukwini ezimbili ezidlule. UMnumzane Ndlanzi, uyamazi uMnumzane Ndlanzi?”

“Yebo, yebo ngiyamazi. Uyazilandela izinto ezithinta umphakathi waseWard 84.”

“Yebo, ngisho lowo Mnumzane Ndlanzi. Ufike ehhovisi ezohalalisela iKhansela ngokuletha intuthuko Esikhungweni Somphakathi. Bangabantu abazwanayo beneKhansela. UNdlanzi wacela ukubona uhlelo lwesakhiwo nolwesabelo-mali. Wachazela iKhansela ukuthi kumele yena uNdlanzi akwazi konke okwenzakalayo, efisa ukwazi ukuthi umphakathi waseWard 84 uzozuza kanjani. Wachazela iKhansela ngokubaluleka kokuvezela abantu yonke into ngoba maningi amaKhansela ayenza izithembiso kodwa kugcine kungenziwanga lutho. IKhansela labika lokhu nalokhuya, langaphuma nempendulo eqondile. UNdlanzi wachaza, ngomoya ophansi, ukuthi lonke ilunga lompakathi linelungelo lokuthola ulwazi ngokwenzakalayo.”

Bayama ukukhuluma ngoba kusondela indoda eyisidlakela ngakwi BMW abahlezi kuyo. Isidlakela sima phambi kwemoto, uNjabulo noJoy babukane bethukile. Iyehla imimoya ngoba lo muntu uzibukela imoto epake eceleni kwabo. Ukhipha ucingo athathe isithombe seAudi R8 aziqhubekele nendlela.

“UNdlanzi waqhubeka watshela iKhansela ukuthi ukungakhombisi abantu i plan ne budget kukhombisa ukuthi kukhona okufihlwayo. Bagcina benengxabano eshubile, uNdlanzi waganklaza isicabha wahamba,” kusho uJoy.

“Wayeqinisile uNdlanzi. Lonke ilunga lomphakathi linelungelo lokuthola ulwazi ngezinto ezifana nalezi,” kusho uNjabulo.

“Bengisola ukuthi kukhona okushaya amanzi kule ndaba, kodwa ungitshele ngokudilika kwesakhiwo kwakheka isithombe esiphelele. Ngikhona uma udinga usizo lwami. IKhansela lifikile ntambama sesizoshayisa. Akahlalanga nemizuzu eyisihlanu. Ngizwe evula ilephuthophu, kwangaphela sikhathi waphuma wahamba. Ngiyasola uyibonile i-imeyili yakho ngoba ngimuzwe etshela lomuntu omvikelayo ukuthi intatheli yeNUZ FM kumele iqondiswe izigwegwe.”

UNjabulo uzizwa esaba kodwa ngeke akukhombise. Nangu uJoy Dlamini enesibindi sokuveza izinsolo anazo, naye kufanele abenesibindi sokuqhubeka nokuphenya le ndaba.

“Lukhona ushintsho olubonayo kuKhansela Mlaba?” kubuza uNjabulo.

“Yazi, lukhona ushintsho. Bengimazi engumuntu onomoya ophansi, ohleze ezihlekela kodwa uguqukile muva nje. Usethetha njalo, thina nje esisebenza ehhovisi siyavelelwa. Usethenge nezimpahla ezintsha, usegqokisa okwebhungu. Ubhuti wami uyabuthanda ubukhazikhazi futhi uyabuthenga ngoba uhola kakhulu, kodwa kwayena umangele uma ngimtshela ukuthi iKhansela lithenge iwashi le-Ingersoll,” kusho uJoy.

“Yonke lento isiqala ukuhlangana. Ukukhwabanisa kwenkampani eyakhayo kwenza kusale imali eningi ezodliwa. Zizodinga ubufakazi obuhlangene,” kusho uNjabulo ebuka uJoy emehlweni.

“Zonke izinto uzibeka ehhovisi. Nginawo ukhiye wokungena ngizobona ukuthi ngitholani. Okumayelana Nesikhungo Somphakathi ukuvalela eshalofini alikhiyayo. Anginawo ukhiye walelo shalofu, kodwa ngeke wazi mhlawumbe uzolahla sithole esikudingayo,” unika uNjabulo ucingo, “Faka igama nenombolo yakho. Ngizokutshela engikutholayo nge-Whatsapp.”

UNjabulo ufaka inombolo yakhe abuyisele ucingo kuJoy. Uyasibukisisa isithombe saNjabulo saku-Whatsapp.

“Saze sasihle isithombe sakho, Njabulo,” uJoy uyahleka, aphume emotweni anyamalale uNjabulo esadunyeliswa ukunconywa umuntu omuhle njengoJoy.

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: Kungabe zikhona izimo ezingadingi kukhulunywe iqiniso ngaso sonke isikhathi? Chaza.