Babuka uMary aze ayosithela.

“Uyihlabe esikhonkosini, Bhubesi. Uya eRichtech lo mntwana. Hheyi ngimthandile, ntwana!” kusho uRhino ehlikihla izandla.

“Manje uzokwenzani? Inhle phela leya ngane, mjita!” kusho uBhubesi

“Okwamanje angazi, kodwa angeke igqabule. Okuhle ukuthi ngiyakwazi kubo. Sengiyazi nokuthi ifunda la.”

“Kuzomele siyilinde esangweni lesikole ntambama,” kusho uBhubesi.

“Isu elihle lelo, Bhubesi, kodwa…” uRhino unwaya ikhanda, uyacabangisisa.

“Yini manje, Rhino?”

“Ukuthi ngicabanga indlela engizoyidoba ngayo, ingene emotweni. Noma ngingehla emotweni ngeke ivume ukukhuluma nami. Inoshiki.”

“Ilula lento, Rhino, sizothuma uRachel,” kungenelela uNdlovu.

Bonke bavumela phezulu. URachel intombazane eziphaphele engukwamakhelwane wabo komunye umuzi abahlala kuwo e-Aboretum. Naye uRachel ufunda eRichtech.

“Bamba la, nja yami!” URhino uxhawula uNdlovu. “Ngazile ukuthi njengoba uthule uzoqhamuka nesu elihlaba hlosile. Konje uRachel ungene ekuseni?”

“Eish, angazi. Asimbheke kwamanje. Uma ekhona sizomuletha esikoleni. Uzobe usubeka nawe njengendoda.”

“Sho, Ndlovu, kuzoba njalo. But what if uMary enqaba ukugibela?”

“Sizomthwala nje, finish!” kusho uNdlovu.

“Seniyaphaphalaza manje. Akumele sisuse udweshu la eRichards Bay. Sizocasha kuphi uma sesimosha la?” kusho uBhubesi.

“Uqinisile, Bhubesi. Akumele sizenzele amazinyo abushelelezi kule ndawo. Uma uMary enqaba kuzomele uRachel asitholele inombolo yocingo.”

Perfect, Rhino! Kungcono uma senza njalo.” Kusho uBhubesi.

Idume imoto ihambe. Ifike erobhothini ijike ibheke e-mall. Izintokazi zijika nabo e-mall. Bangena esitolo sobucwebe, uRhino aqonde eshalofini lezindandatho. Babukane uNdlovu noBhubesi. Bahleke.

“Usufuna ukutrowa, mjita? Ucabanga ukufasa, lova?” babuza begigitheka.

Amoyizele uRhino.

“Ngabe ngenza iphutha yini uma ngishada? Maduze nje lizohlangana ikhalenda, sengizoba na-30. Kumele ngiqale ngenze amalungiselelo.”

“Uzobe ushada nobani phakathi kwethu?” kububuza uNdlovu ekhomba yena noBhubesi.

“Ningithatha kancane, nina. Ngizoshada noMary. Thulani nibheke.”

***

Uthini umbono wakho: URhino uzophumelela ukuthola uMary?