UMary uqeda ukuzicwala, athathe isikhwama. Uqonda esangweni acele unogada amvulele. Uma emgwaqeni, alinde itekisi. Ubona kuvuleka isango laseflethini, kuphuma iPorsche yalo mlisa okade embuza igama. Abheke le uMary. Uyakuzwa ukuduma kwayo isuka ingena emgwaqeni. Ayizwe nangokubhonga kwayo ukuthi isimile eduze kwakhe. Kwehle iwindi langemuva.

“Uyaphi, sisi?” kusho omunye umlisa.

Amehlo kaMary agijima phakathi emotweni, abone ukuthi bathathu abantu abaphakathi. Yilo mlisa ongemuva okhulumayo, omunye ohlezi phambili kanye nomshayeli.

“Come on, Babygirl! Ngikhuluma nawe,” kusho le nsizwa.

“Angisiye uBabygirl, nginegama lami engaliqanjwa ubaba.” uMary uphendula ngokucikeka.

Into emcika du, ukuthi nakanjani umaMgobhozi uyibuka ngewindi yonke lento eyenzekayo.

Umshayeli wehlisa iwindi lakhe, athi, “Hawu, kanti nguwe MaryJ? Asisale sesihambisana.”

“NginguMaryJane, hhayi uMaryJ.”

“Kodwa yini ulaka olungaka umuhle kanje? Yaze yakufanela ingubo oyigqokile.”

“Ngiyabonga.โ€

“Kanti niyazana no….?” kubuza lo mlisa ohleli ngemuva emotweni.

“Nguyena lo ebengikutshela ngaye,” kungenela umshayeli, โ€œCha, bayazala abanye omama. Isibongo ungowakwabani MaryJane?”

“Buthelezi,” uMary uphendula ezibukela emathafeni. “Hambani webantu benkosi. Amatekisi ayangishiya ngenxa yenu. Nangale kwalokho, nizongifaka enkingeni! Nx!”

“Hawu noma usungaphandle kwesango uzongena enkingeni? Kanti uhlala nenkabi yini?” kusho umshayeli.

Bahleke bonke emotweni.

UMary uyasuka kule moto, aqhubeke ngomgwaqo. Kuqhamuke itekisi, angene.

Wehla esitobhini sasesikoleni ezwe ngomuntu ethi,”Uze lapha kanti, Angel?”

Kusayiyo iPorsche, yibo labalisa. Ahaqwe uvalo uMary, kodwa aziqinise.

“Angisiye u-Angel.”

Oh Lord! Nkosiyami! Liqinile ikhanda kulo muntu wesifazane!” kusho umshayeli.

Bafe yinsini bonke emotweni. Awele umgwaqo abashiye kanjalo uMary. Imile le moto, bayambuka.

“Noma kungathiwa izinto ziyefana, Rhino, uya eRichtech lo mntwana,” kusho lensizwa ehlezi ngemuva emotweni.

URhino nguyena lo mlisa oshayelayo, lo ofike eflethini kuMary ekuseni. Njengoba bebathathu baziwa ngeBig Three. Bacashele amaphoyisa njengoba belapha eRichards Bay. Umshayeli ubizwa ngoRhino. Eceleni kwakhe kuhlezi uNdlovu. Le nsizwa engemuva ibizwa ngoBhubesi.

Le Big Three akusilo uhlobo lwabantu ongafisa ukuba isitha nabo. Uma uxabene nabo usuke uzidonsele amanzi ngomsele. Bangcono oBhubesi noNdlovu. Inkinga enkulu nguye uRhino lo. Akahlehli noma sekunjani.