Kusekuseni entathakusa, umaQanda ulungiselela ukuyodayisa esitimeleni, phela udume isitimela sonke. Uthatha uyabeka ngokomqondo ukuthi ngazi uzoyithini lento emvelelayo.

“Ngazi ibizwa ngani lento engivelelayo mina kababa, umama kaLungile usevele wenza uhlola washiya uLungile kumama, wathi akafune ngane yena. Maye! Njengoba nje ngizidayisela amaqanda kanye namakinatshana ngizoba yini madoda kulomhlaba wobaba mkhulu? Ngizoyondla ngani lengane njengoba iseyincane kangaka? Angikuphathi ke! Okwamama, njengoba engasebenzi ethembele kumina ngalemadlana yamaqanda kanye namakinathi.” Athathe okungamasakana akhe kanye namaqanda aphume ahambe, ulibangise eMlazi Station lapho eyothatha khona isitimela sokuqala ukuze ahambe edayisa aze ayofika eDurban Station ehle khona aqubeke nokudayisa.

“Cha! Madoda akufani kunokuhlala ekhaya ngoba ngokudayisa kwami amaqanjana namakinati, ngiyawathola amasentshana okuziphilisa kunokulokhu ngikhala ngokuthi imisebenzi ayikho kodwa iminyaka ibe ingamile ihamba kanti nokuguga kuhlasela kancane kancane.”

Uhamba nje uyasho ngengila udayisela abaya emsebenzini, umemeza kuzwe ngisho nosalele, elokhu eshilo ungaze ufunge ukuthi uyacula phela sekwaba injwayelo “AMAQANDA NGALA, AMAKINATI NGALA”.

Afike esiteshini kube sengathi isitimela besesilinde yena ukuze sisuke sihambe, asho phakathi aqale umsebenzi adume ngawo adayise, abantu bathenge ubuthaphuthaphu aphele amaqanda kanye namakinathi engakafiki ngisho eDurban Station lapho ekade ezokwenhla khona, abuyele emuva.

“Cha! Uma ukhokwalelwa kuNkulunkulu akukho okungenzeki kuyena futhi akasoze akunika umtwalo okungaphezulu kwamandla akho.”

Uhamba usho ngomzilili wekhwedlana elisho kunanele izihosha. Afike ekhaya athathe ulungile athi ukumdlaladlalisa kancane, emdlaladlalisa ithemba kuyena selibuyile ngoba uyazibona ukuthi uyaphi uma eqhubeka nokudayisa amaQanda, athole ithuba umaQanda lokulunguza abangani bakhe eThekwini bese ecoshacosha okuncane ashoda ngakho.

Uthe esahamba kuWest street eThekwini wodumo wahlangana nomunye umdlisa obonakalayo ukuthi akuyena wakuleli uqamuka ngaphandle igama lakhe uBoss. UBoss isigwili esingacoshi phansi sihamba ngekanokusho imoto, usho ngobugcwebegcwebe obugcwele isifuba sonke nase zandleni yiso leso angikuphathi okwamazinyo afakwe amagolide.

Abuyisele eceleni imoto, simqwebe into engapheli ngesandla esisho ngewashi elibenyezelayo. UmaQanda asondele ethukile, uBoss amcenge ukuthi umaQanda amdayisele izidakamizwa ayeke indaba yamaqanda kanye namakinati, ukuze angasweli lutho ayeke indaba yamaqanda angenamali kodwa umaQanda amtshele emehleni ukuthi yena akasoze wadayisa izidakamiswa. UBoss amnike inombolo yakhe yocingo ukuthi uma kwenzeka eshintsha umqondo amfonele kuyona, asale umaQanda edliwa uzwangedwa ukuthi ngazi yini lena emvelelayo usathane useqalile ukumlinga.

“Oh Hhe! Uma abantu bekubona uhluphekile, bayaye babone kuyithuba lokuthi bakwenzise noma ngabe yini abayithandayo, ekugcineni usale wedwa uma usezinkingeni,” athathe lenamba yocingo ayifonyoze ayilahle emqomeni kadoti kodwa ingangeni phakathi emgqonyeni iwele eceleni komgqomo.

Kusekuseni entathakusa amakhaza akazibekile phansi, umaQanda ingubo uyayibamba uyayidedele. Akavukeki alungiselele ukuya esitimeleni ukuyodayisa ngoba ayikho into angayenza. Aqonde eMlazi station njengejwayelo. Abuye ntambama amaqanda ephelile. Kuphele izinyangana ezimbalwa edayisa imali ingena. umaKhumalo usahambise kancane, aqede ukuyibala ayibuyisele esikwameni esikhulu.

“Madoda sengenze imali engaka ngamaqanda namakinati R15 000 wonke ngizozakhela isitolo esikhulu manje lapha ekhaya.”

Asukume ngokushesha umaQANDA alungiselele umaKhumalo kanye noLungile into abazoyidla bese eyamtshela izindaba ezimnandi zokwakha isitodlwana lapha ekhaya ajabule umaKhumalo, acishe aze amelwe inhliziyo uma ezwa izindaba ezimnandi kangaka. Bahlukane sebeyolala bethembisene ukubonana ngakusasa injabulo izenzela, “Nkosi yamakhosi wena ekugcineni uyayiphendula imithandazo yomuntu.” Azithole esethandaza uMaKhumalo.

Avuke umaQanda ekuseni kakhulu, alungiselele uyongibela isitimela ukuze ayofaka imali eThala Bank, kusasekuseni ngoba akuseyona imali engahlala ekhaya. Alunge aphume ahammbe abantu baqale bafune amaqanda namakinati kodwa bazibonele ukuthi umaqanda akayingeni eyamaqanda namhlanje. Isitimela asiyekile ukuhamba siyashosholoza, sambe sima zonke izinkalo sigibeza abahambayo abanye bayehla umaQanda siyamzelisa isitimela, silokhu sithi lala vele usekude ukwenhla.

Athi ukunquphazela kabili kathathu umaQanda, avuke abambe isikwanyana sakhe athi ukusiqinisa esicindezela esifubeni ukuthi singanyakazi. Anquphazela futhi umaQanda kucace ukuthi usengalala noma kunini. Asho azumeke, uzumeka nje isikwanyana sakhe esinemili usigonile kuhle kwengane. Sisho sigcwale isitimela sivale ngomuntu emnyango, sigudluzele sishona emaceleni kuhle komuntu okhothile sishosholoza kancane siyodlula eReunion Station siphikelele phambili.

Siyamba nje umaQanda ushisa obudala ubuthongo isikwama siya ngokusuka esandleni sakhe, Okungabafanyana balokhu besibukile lesikwama esihle kangaka esidlala inyoni yamaqanda. Sisho sivume phansi isikwama siwa-nje siwela kulabafanyana akekho onake omunye uzwa ngokuxokozela kwabantu ukuthi akekho onake omunye. Baphume naso isikwanyana samaQanda. UmaQanda asale egone izandla zombili. Aphaphame uphaphama nje! Isitimela sesize safika eDerban Station, safike sajika saphinda emuva sathatha umzila oya eKelso Station. UmaQanda athi ukuthuka usamangazwe ilendawo isitimela esihamba kuyona angayazi, athi ukucikica amehlo kabili kathathu athi Qala! Qala! isikwanyana sakhe lutho asikho phela umama uhleli esihlalweni esikude naye. Maye! Maqoda yini lena engivelelayo?

Nakhu ngizobulala inja ngezandla zami manje! Ngizokhuzwa ngubani? Akekho? Oh hhe! Kambe iseThekwini lana impilo yakhona iyashesha, Walala! Wasala madoda. Asukume umaQanda athi ukushona emaceleni akhahlele ikhalibhothi ebeliseceleni kwakhe, ajuluke abe manzi nte! aqonde kumama. Umama asho kakhulu ngengila kuthuleke ekhoshini yesitimela uhhayiza nje! Akukho muntu lapha esitimeleni nguyena nomaQanda kuphela.

Ukhala nje! usefikile umaQanda kuyena, umaQanda asho ngesibhakela esinenkosi phakathi, umama ahhayize! umama akayekile ukuthi akasazi leso sikwama, azibonele umaQanda ukuthi umama akazi lutho ubuye umqondo kumaQanda, acabange abafana ekade behleli eduze kwakhe bencike into engapheli, “Kwaphela ngamaphupho akho maQanda.” Phela isitimela sesiguhla ezintabeni zaseManzimtoti Station. Axolise umaQanda ngesenzo sakhe esimbi, athethe isitimela esiphinda eMlazi, uhamba uyacabanga ukuthi uzombekelwa ngubani umaKhumalo ngoba undonsengezindlebe ukuthi akathathe iTaxi!

Acabange icebo lokuthi athi ukushaywa umoya mhlampe uzozithela kubona labafanyana ababili abambe oyedwa aqhumise okwembuzi yamahlozi, uhamba nje! uyathandaza, sifike eBrea station isitimela, elandela umgwaqo oya kuwest street usizi lubhalwe emehlweni. Uthe uma ehla kancane ngo-West street eThekwini, acabange usuku lapho kwaqamuka uBoss wamcenga ukuba amsize ukuze ezoba usozimali ahlukane nosizi, asho acabange ipheshana elalinenombolo kaBoss walilahla kulonqonyanyana kadoti awubonayo kodwa acabange ukuthi hlampe sebawulahla kudala udoti, asale esefuna ukuzidelisa ukuthi alikho ngempela yini, athi ukuqalaqalaza lutho ukulithola abone ukuthi kuphelile ngaye ngenhlanhla athi uma ehlulisa amehlo alibone lelipheshana elisongwe kancane eselize lalala izintuli, alithathe athi ukulibukisisa yilona alinikezwa uBoss ,alifake ephakethi. Afike ekhaya angayixoxi lento emvelele.

Asho athathe ucingo afonele uBoss ngenhlanhla amthole bakhulume ajabule uBoss ukuthi usewavumile ukumsebenzela, bathembisane ingakusasa ukuthi bazobonana ukuze aqale ukusebenza. uBoss kayeqamuka eNageria wayenesifiso sokuthi abantu baseSouth Africa baphenduke izibotho badle yonke inhlobo yezidakamizwa kuphele ngabant abasha bese bebulalana bodwa bona bathathe izwe ukuze kubuse bona. Kuthe kusenjalo washo wafika uBoss kubo kamaQanda ufika nje uhamba ngekanokusho imoto evuleke phezulu.

Baxoxe ashiye isikwanyana kumaQanda, sigcele izidakamiswa. Aqale umaQanda ahambe ayothenga amaqanda ahlukene kabili umbala omnyamana kanye namhlophe amaqanda. Phela lawa akhanyayo ngeke awafake izidakamizwa, amnyama uzofaka phakathi izidakamizwa ngoba abantu abawathandi amnyama amaqanda.
UmaQANDA awapheke amaqanda akhe bese ewavula kahle phakathi afake izidakamizwa phakathi bese eyavala kahle kungabonakali ukuthi ake avulwa phakathi, amanye ilawa azowadayisele abantu abafuna amaqanda aphekiwe abazowadla. Waqala umaQanda ukuwadayisa amaqanda kanye namakinathi.

Oselithengile wawumbona ehleka yedwa kuhle kohlanya engafuni usondele eduze kwakhe. Abawaziyo ukuthi anani phakathi babengeke baze bakuhlebele, Babengazithambisi omtakabani abadla izambane lando. Phela abamaziyo basebembiza ngoDocter Q uma sebemtheketisa, wayehlanzekile. UQanda wayengenandaba nomntakabani kwakuyibona abamcengayo esedumise okwesinkwa, ibizinisi lakhe wayeselazi lonke.

Amaqanda anezidakamizwa phakathi wayewaqikelela. Wayengena ngisho emaPolice Station, ukuyodayisa amaqanda wayesewazi amaphoyisa kanye seziboshwa ezidla amaqanda akhe. Wayengena ngisho ezibhedlela namaqanda, iziguli zazivuka zibe umqemane uma sekufike uDocter Q ehhodini labagula kakhulu. Imali yaseyibuzwa kuyena, Angikuphathi okwesitolo sikanokusho asakhela umaKhumalo egcekeni. Kwakhukhala bonke abantu ukuthi amaqanda namakinathi anemali. Abantu babona kuyithuba leli lokuthi nabo bawadayise amaqanda njengomaQanda ukuze bezoba nemali njenomQanda.

Baqala bawadayisa amaqanda namakinati izinkalo zonke zeTheku ethengwa kodwa hhayi! NjengawaMaqanda kwakuba ukufika kuMaqanda ephethe amaqanda aphele, babeze bamlandele befuna ukubona ukuthi wenza kanjani uma edayisa futhi uwathengaphi babeze bawathenge kuyena benzela ukuzwa ubumnandi bawo kodwa bawezwe efana nawabo. UmaQanda wayesehamba ngezimoto zikanokusho, waqala ukunganaki umsebenzi wakhe ngoba wayesenza amaphutha amaningi. Ngolunye usuku wadayisela umphathi station emaPhoyiseni amaqanda anezidakamizwa ngenhlahla kwabona elinye lamaPhoyisa elalikhona eduze kwabo, kwazwakala selithi .

“Cha! Mphathi wakhetha amaqanda angasile kanje ebe ekhona amahle kangaka sewungaze uthathe iqanda elimnyama kangaka pho!” IPhoyisa lithi ukumkhethela amahle amaqanda phela sebeyawazi amaqanda ukuthi lawa amnyama anani phakathi lawa amhlophe akanalutho phakathi. “Wangisiza mfokaDlomo mina angazi lutho uma sekuziwa kwezamaqanda amnandi, ukuthi yilawa amhlophe sengiyokwazi ngokulandelayo ngikhethe kuwona

Ngulosihlanu namuhla izulu liphole kamnandi.

“UDlomo usengidonse ngezindlebe ukuthi sebengenzele itulo lokhungiphosa ezikhindini ngizothi ngingena ePolice station bawathathe amaqandanjana ami.” UmaQanda angafaki lutho emaqandeni enzela ukuthi uma sebembamba bangatholi lutho. Wanikela khona ePolice station uphethe inqwaba yamaqanda, ahlukene amhlophe kanye namnyama asho angene uthe eqamuka umphathi Station kwaba sengathi besemlindele. Ahleke nhlinini umphathi, athi ukusondela umphathi, “Cha! MaQanda ngizowathenga wonke lamaqanda, ungasho ukuthi yimalini ekumele ngiyikhiphe.

“OK! R1500,” kuphendula uMaqanda asho amnike uR1500. Abonge umaQanda athi esathi uthatha amagxathu amabili ukuya emnyango, athi umphathi ucela athi ukulinda, bawavule wonke lutho ukuthola izidakamizwa kuwona. Umphathi siteshi athi akadedelwe umaQanda waxolisa ngalesenzo sakhe sokudlala ngomaQanda wayesethi angafika noma kunini azozidayisela ngeke besaphinda bahlukumeze. Wabonga umaQanda waphuma wahamba.

Lashone ilanga langoloSihlanu. Kwaphela izinyanga eqaphela ukuthi udayisela obani futhi udayisa kanjani. Wayengayekile ukudayisa ePolice Station amaqanda ayesengaphela noma kunini, kungene umsheshi uLuthuli elandelwa nguMsheshi uKhuzwayo, bacele ukuthenga amaqanda kumaQanda abadayisele, bakhala ngendlala eseyibabulele, umsheshi uLuthuli alihlube ufuna ukuliphosa emlonyeni uthe esathi uyahluba wathole okumthusayo phakathi wabiza umsheshi uKhuzwayo ukuthi azombonisa ukuthi kungabe kuyini lokhu akubonayo, uMaQanda usahambe esadayisa akanake lutho.

Wezwa ngoba sebexhakathisa kuhle kwesaka lempuphu, beya kumphathi siteshi ukuyombonisa lomhlola abawubonayo. Bafike kumphathi bamkhombise amaqanda phela wonke amaqanda anazidakamizwa. phela ukhuluma nje! amaqanda avulwe wonke kubonakala konke okungaphakathi, “Kuthi akabaleke kakhulu.

“Chah!… ch!…. Chah!… Angikwazi lokhu okuphakathi mphathi mina ngiwathenge ejena emakethe,” esevevezela ebamba eyeka. Kwazwakala esesholo phezulu. Kwaphela ngawe maQanda namaqanda akho kanye namaphupho akho aphelile uyoba ukudla kwejele maQanda kungenxa yosikhotheni abadla amandla ami engawasebenzela kanzima