“Woza maan Mbali, Akekho uThabiso, ngisa mthumile, sizo shesha”

Ukhuluma neshende lakhe uMangethe intombi ekade ayigcina… ezizwa eyidinga ngempela

“Hayi, wena uthi so shesha bese uthathe unyaka wonke what if uThabiso ubuya ngoku shesha?”

Iyabuza intombi ephonini, akumelanga phela uThabiso abone umngani kamawakhe enobabakhe

“Khululeka ntombi ngeke asheshe umfana… “

Emthembisa izulu no mhlaba kuze ngemepela eze azoba naye

“Okay ngizofika kodwa ngekengi hlale awucabangi ukuth kuka ncono if sibook guest house for the whole day”

“khululeka baby konke loko kuse zinhlelweni zami, ngisazoku poyilisha Sthandwa sami, yazi futh ngine wayini lakho olithandayo la”

Esho esukuma ephuma emnyango eqonda ku bottlestore eseduze kwala ehlala khona

“Okay nginike u20minutes ngizo fika lapho”

Ejabule kakhulu uMnumzane esezo jabula no Mbali; intombi eyayispawepete uphumalanga sikothe, ithe ngamabele nezinqa nama hips, ngisho umaka Thabiso ube khala ngaphansi, uZwane waye mthanda ngempela uMbali futhi wuyena waye mfuna vele ebanganini baka Maka Thabiso kwenzeka ukuth ngaleso skhathi ubengabambeki uMbali ethandana nodokotela kodwa kwa shintsha konke emva kokuba dokotela ashone engozini yemoto washaqeka kakhulu uMbali waze wehla nase mzimbeni yilapho ke umngani wakhe uNonjabulo wamu mema wathi ezo mvakashela ukuze athole iskhathi soku lulama

“come in”

Evula umnyango wase front

“liphi wayini lami?”

“vula lilapho efrijini”

“hawu kanti awuzu kungithelela?”

“Okay.. nayi glass baby… asiye ngale emabhida khona ngizok hosta kahle, izo dliwa futhi ichips namhlanje”

“Ave ungihlekisa umusuqala lomqondo wakho we Pirate”

Begaxene baya ekamelweni.

“Kodwa lento yoku sebenzisa umuzi wakho angiyi thandi mina Mangethe”

Eqambalala kuye esfubeni

“Kade ngakugcina yazi kodwa, I can’t believe ngendlela osa muhle ngayo”

Akasezwa lutho uKhumalo, akasa cabangi lutho weneme nesthandwa sakhe.

“qoqo”

“Engathi kuno muntu emnyango…” 

Lasho uvalo kuZwane