Mina kangilele ngicabanga yena,

Yena ulele, akangicabangi mina,

Inhliziyo yami yona ifuna yena,

Ngebhad’akakuboni lokho yena,

Olwami uthando ngolwakhe yedwa,

Olwakhe uthando akusilo elami ngedwa,

Ngiyamthanda kodwa ugcwele ukudlala yena,

Yonke imizamo yami ngizamela yena,

Kubuhlungu ngob’akakuboni lokho yena,

Uthando lwakhe lungolukaSonhlalakahle,

Ngothando lwakhe usiza umphakathi,

Mina akusavumi nalendaba ngifele ngaphakathi,

Mina bengifisa ukuzihlala naye kahle,

Emzini wethu oyisithabathaba omuhle,

Uma wenza kanje, thina soze sihlale kahle,

Angizwani namanyala, ungibheke kahle,

Kunzima ukuthanda umuntu ongeneli,

Kubuhlung’uma amazwi akho ungasawameli,

Phela uthando luyimpumputhe, kaluboni,

Thina sikhaliswa yilabo esibathandayo,

Akusikho lokhu thina esikuthandayo,

Nkosi uze ubakhumbule esibathandayo,

Noma sibakhumbula yize bengasikhumbuli,

Ngothando lwami yen’uyisigwili emphakathini,

Ngumacaphuna kusale owaziwayo emphakathini,

Ngiyamthanda yen’ungenz’inhlekis’emphakathini,

Abantu sebekhuluma ngami emphakathini,

Ngokuthanda yena sengiyisilima emphakathini,

Emphakathini abafana ubashintsh’okwamasokisi,

Nabashayeli bamakhumbi bacubuza ngesokisi,

Ningamangali uma seningilanda ngebhokisi,

Ngicela uhlaka mina ngiyalibonga ibhokisi,

Kuqaqamba inhliziyo uma ngibuka lelibhokisi,

Phela kubo bamukhipha ngebhokisi lomshado,

Isithombe somshado singikhumbuza esezadlula,

Ngikhala zome sengicabanga esezadlula,

Namanj’akabuyile, ubethe uyabuya wab’esedlula,

Ngimulinde kwasa nalombhede sengiyawendlula,

Lombhede mukhulu uma engekho yena,

Nabantwana bayamufuna akekho yena,

Izifungo zakhe yena usezikhohliwe,

Umyeni wakhe nabantwana bakhe ubakhohliwe,

Siyamthanda futhi siyamudinga thin”asimukhohliwe,

Nasemkhulekweni thin’asimukhohliwe.