Konke kwakungi hambela kahle empilweni yami .

Ngase ngakhohlwa yikho konke .

Kwase kuphele unyaka nizinyanga ezimbili ngihleli ne njabulo no Cya Lapha e Cape Town. 

Ngangi ngasebenzi phela ngangigcine ebangeni leshumi nanye .

“Sthandwa Sami khona la engisaya khona ” 

Kwasho u Cya eyophuma ngomnyango emamatheka ezichofela ucingo lwakhe .

“Hawu wothi ngikuphelezele ngibhorekile ” kusho mina ngimlandela ngemumva .

Washaya imoto yashosholoza . Ilapho ke izinto ezajika khona .

waqala manje akangalala ekhaya, waphuza kuze kweqe waba ngisho nodlame .

Angisayiphathi ke eyokungithinta .

Kwase kumele ngikhumbuze ukuthi angitshele ukuthi uyangithanda.

Kwaba noku qhekeka phakathi kwami naye. Ngase ngakhala ngadela nothando lwakhe lwaya ngokushabalala .

Ngase ngihlalele ukuthi ngoba akaka ngixoshi Velez kwakungekho la engangingaya khona .

Ngase ngincengile lapha kuye.