Lalibalele lithe bha ngomshado kaNobesuthu intombi yakwaZulu, koMageba, uzulu omnyama ondlela zimhlophe, uzulu kamalandela ngokulandela inkomo zamanye amadoda, uNdabezitha. Abantu babegcwele igceke. Omama belilizela, omakoti bephithizela, izintombi zisina ingoma, obaba begiya, amadoda ekhuza isaga, izinsizwa zishaya ingoma. Phela kwakushada eyasebukhosini intokazi egcwele phama, ephelele. Inkosi uNdabezitha wayefa injabulo, igazi lakhe ligijima, eziqhenya kakhulu ngoMafungwase wakhe. Abantu bonke basesigodini sakwa Zulu base belindele ngamehlo abomvu ukubona uNobesuthu egcagcela kwaMdletshe, koMsindazwe, abafuyi bamatshe abanye befuya izinkomo, komfuyi kamawewe, kobanomo, oMagida, oskhumba sehlula abashuki saze sashukwa amampondo, bona abakamagcishagcisha, oNgomane.

Kwakunuka izishebo ezihlukahlukene, iphunga lidonsa umuntu engaphesheya libiza ngisho isdakwa ematshwaleni. Sashaya isikhathi sokuba kuyiwe esigcawini, yaphuma intokazi yoMageba isidle esisha sha isidwaba, idle nenkehli ehlotshwe ngobuhlalu, igqize nangobuhlalu obunhlobonhlobo ezandleni nasezinyaweni. Hawu sukanini madoda yinhle nayi intokazi, indoni yamanzi uqobo lwayo, uphuma langa sikothe isho inyathela ngabantwana, inyathela kudidizele isalukazi isho nangesitho mah, angisayiphathi-ke eyesinqa esiputshuka esidwabeni, ihips lona!

Kwaqhuma wena mlilizelo, wena ngoma, kucula ngisho izinyane lakhona imbala. Zaqala zajabha izitha, zijabhiswa ukubona izinto zihamba kahle kungekho okubi okwenzakalayo, engani phela base bembekelile ngisho nokumbekela ukuze ungeke uqhubeke umshado kanti cha ababuzanga elangeni ngoba kwakungeke kwenzeke eyabo intando. Kwazise phela baningi ababezifunela lesibabane sakoMsindazwe, yayibaba nayi insizwa, ubhuti maswidi uqobo, isho yinde ngokwethambo, imi nakahle, isho nangomzimba okahle, insundu ngokwebala. Base bebaningi bezama ukuba nayo bengaphumeleli ngoba inhliziyo yayo yayiku Nobesuthu. Bafika esigcawini yahlangana imindeni ihuba amahubo enjabulo, amahubo omshado. Balibopha elikasofa silahlane oNobesuthu beno Ayanda, kwangathi iphupho kubona bobabili, babengakholwa ukuthi sebewumuntu oyedwa. UNobesuthu wayengakholwa ukuthi ngempela ngempela sengu MRS AYANDA MDLETSHE emuva kwezinqinamba ezingaka asebedlule kuzo, abantu bezama ukubahlukanisa, bebashaya nangesichitho imbala kodwa baleqa lelo bhuloho ngoba babehlezi bebambisene ekunqobeni izimpi ababehlangabezana nazo.

Kwakuqhuma ubulililili ngapha nangapha, injabulo ibhalwe emehlweni kwimindeni yomibili angisayiphathi eyothando izithandani okwakuhlangenwe ngazo ezazinalo lwaluchichima, lugijima emzimbeni. Kwaculwa, imindeni yabelana izipho ababethengelene zona. Baqeda wasukuma ngeculo uNobesuthu, usho nangephimbo lengelozi, “Ngiyamethemba angeke adlale ngami”, bamvumela abantu, ehamba eqhenya, eshaya nesitephu sakhe kancane waze wafika lapho kuhlezi khona u-Ayanda, wafika kuye wamchizela elokhu emqhenyela maqede wamthatha badansa naye phakathi kwabantu wase wamumbathisa/wamabela. U-Ayanda wayelokhu emamatheka, eshalaza echazwa indlela uNobesuthu ayenza ngayo. Kwaqedwa esigcawini kwahanjwa kwayiwa kwaMdletshe, wabikwa uNobesuthu emadlozini, wemukelwa njengeNdlovukazi yakhona kwazise u-Ayanda uyena owayemdala futhi uyena owayengowokuqala owayeganwa kaMdletshe.

Baqeda bahamba bayoshintsha u MR no MRS Ayanda Mdletshe bafaka izingubo zabo ababezithungisile ezazifaniselana, bahamba baya etendeni ezihlalweni zabo ezazikhazimula etafuleni labo likanokusho… Balalela izinkulumo ezazivela ebantwini abahlukene ababebafisela indlela enhle emshadweni kanye neziyalo ababenikwa zona abazali bazo kwaba usuku oluhle ebantwini bonke. Izitha zageza izandla ngoba zazingazitsheli ukuthi umcimbi walaba bobabili wawungaba yimpumelelo enjerh…

THE END!! 

YAPHELA KANJALO INDABA YETHU!!!