Mkhize: ngaba mnyama nje uyangibona.

MaZuma: ayi cha uyangiphoxa kodwa baba yazi uyakwazi ukulimosha usuku lwami.

Mkhize: lulungise ke nkosikazi bese ungiphakela ukudla assomblief tu.

MaZuma: okwabonwa yini impela ngakubona ngakubeletha (asukume aye ekhishini)

Mkhize: vele ukwethule okutetile kodwa nawe uyaxaka ungavele utete izinto ezibonwa nguwe wedwa Thina abanye esingaziboni? Okanye sewabeletha izilwane yini nkosikazi?

MaZuma: uyazi uyangethuka baba ngalawo magama?

Mkhize: ncese Wena gcinetheni wami, woza sizodla sobabili sike sizenzele ipikiniki yethu sobabili Lana phansi.

MaZuma: yini manje ipikiniki? Baba

Mkhize: uyabona ukuthandana nezidomu kuhlupha lana ke, yazi ngisabathe ngiba lomentikhi kuwe uvele ungibhekise eceleni.

MaZuma: kulungile ke baba asiyenze leyo pikiniki yakho. Yenziwa kanjani kuqala phela ukhumbule sengigugile mina sengiphathwa amathambo namadolo.

Mkhize: nkosikazi uwendlala icansi nebhayi phansi bo.

MaZuma: akunankinga baba (azendlale lezinto)

Mkhize: awuzwake Wena Dali, awungilandele nokhamba lwami endlini yakwa gogo.

MaZuma: ayi baba Wena uthumana noma siku pikiniki? Ayi nje ubuqhaza abuphumi kuwe.

Mkhize: ngiyindoda yomzulu phela mina futhi kumele uvubele ntambama ukuze namadlozi alayikhaya ezojabula kuke kunuke amavovo ngizoke ngikhulumele lomfana emsamu ngicele idlozi limfunise intombi ayeke ubunkonkoni.

MaZuma: kodwa ave uphoxa Khabazela.

(Sekugxabha isish Ku Mandla njengoba nakhu seziyela ngasemansumpeni phela ngoba isikole sesizophuma, avele acele ukuya endlini encane Ku thisha wabo, amuvumele . Lana usendlini encane ukhuluma yedwa)

Mandla: eish kambe kumele ngiqale ngithini Ku Lindiwe ngoba kade sengimubingelele (anikine ikhanda) kodwa sekuyobonakala khona yeah I have got this , ngizoyenza lento ngizoyishela lengane iqome futhi. ( Abuyele eklasini ayokhuluma no Zethu)

Zethu: usubuyile ntwana?

Mandla: yebo mfethu ngibuyile bengisayochitha amanzi.

Zethu: ok boy usukulungele ukuthi ukhulume no Lindiwe njengoba nakhu nesikole sesizophuma?

Mandla: nakanjani ntwana

(Yakhala insimbi yokuphuma kwesikole)

Xoli: asambe mngani sesiphumile nje isikole.

Lindiwe: hamba oe mina ngisalinde isoka lami (ahleke)

Xoli: Wena futhi usuthi yisoka lakho njalo?

Lindiwe: ngiyadlala oe yisdwedwe nje lesi engizosiphoxa we Jesu, naba beqhamuka oe hamba phambili mina ngizohamba kancane.

Xoli: ngizohamba phambili kodwa ngifuna ukuzwa Uma sewumgiva mngani.

Lindiwe: naba besondela oe yibe uhamba (ahambe kancane u Lindiwe kuze kufike o Mandla eduze kwakhe)

Zethu: sawubona Lindiwe

Lindiwe: sanibonani ninjani?

Mandla: siyaphila singezwa kuwe?

Lindiwe: ngiyaphila nami.

Mandla: ngisacela ukukhuluma nawe Lindiwe.

Lindiwe: kulungile singakhuluma.

Zethu: nazoke mfanaka.

Mandla: vaya phela ntwana.

Zethu: awe ntwana, yizinto athi ngihambe nanangu u Xoli.(ahambe aze afice u Xoli, kusale u Mandla no Lindiwe)

Lindiwe: khuluma phela Mandla, uthini?

Mandla: bengithi nje ngifuna ukukutshela ukuthi umuhle.

Lindiwe: oh! Ngiyabonga ke, so yilokho nje kuphela?

Mandla: benifundani vele namhlanje?

Lindiwe: isizulu Kanti Wena bewufuna ngifunde isibhunu yini?

Mandla: cha akunjalo, ukuthi nje bengizibuzela.

Lindiwe: nami bengiziphendulela.

Mandla: ok, yazi bengingazitsheli ukuthi uzovuma ngikukhaphe .

Lindiwe: angivumanga kodwa bengifuna ukuzwa ukuthi ufunani Kanti uzongibhedela.

Mandla: ncese ke Uma ubona kanjalo.

Lindiwe: ncese kakukako, yini khuluma wabe sewubanjwa amalimu manje?

Mandla: awukame kancane hawu musa ukuzenza juice ube ungelona i – fruit, ngakhoke ungazitsheli u clever ngami.

Lindiwe: ngizishaya u clever makwenzenjani ke?

(Bahleke u Xoli no Zethu phambili)

Xoli: uyabhayiza lomngani wakho yezwa.

Zethu: usafunda ukushela phela untanga yikho kunjena nje.

Xoli: kodwa akufani naye buka nje muhle kanjani lomfana.

Zethu: usuyamfuna ke manje.

Xoli: angazike lapho ngizwa ngawe.

(Ziyabuya ngemuva Ku Mandla no Lindiwe)

Lindiwe: Wena nje uqinelwe ulimu nje angazi uphasa kanjani nase skoleni ngoba ulokhu uphendula izinto engingazibuzanga.

Mandla: yibambe lapho ke, uyabona ke Uma kuziwa ngasezincwadini ngihamba phambili kwawena nje awufiki kimina. Ngakhoke vele uhambe uyekini nopete nobubi futhi ngithi ngiyakucwebezelisa Kanti ngisukela imbebebe enerusi.

Lindiwe: bengikudlalisa Mandla wabe sewukhwela uzehlela nje kimi manje, ngoba ngiyazi ukuthi vele uyisiqenqe kodwa lokho akusho ukuthi usungangikhumbuza.

Mandla: ayi man uyangenyanyisa ngoba bengikhuluma Kahle nawe kodwa Wena uyagxumagxuma nje.

Lindiwe: kodwa mina bengithi musa ukungingiza yisho into bewuzoyisho ukuze ngizokhona ukukhululeka, ngiyaxolisa.

Mandla: kuhle ngoba uyalibona iphutha lakho ukuthi nje ubusaphethwe ukuphapha , yazin kuncono uhambe sesiyobuya siluqhubeke loludaba lwethu ngoba usungidinile.

Lindiwe: kodwa Mandla ngithe ngiyaxolisa nje?

Mandla: uxolisa ngoba uqinisile noma usaqhuba Kona ukungeyisa namanje?

Lindiwe: ngixolisa ngoba ngiqinisile.

Mandla: kulungile ke hamba uyoqinisa ezincwadini bese uzoxolelwa yimiphumela yazo.

Lindiwe: kodwa Mandla?

Mandla: kodwa Mandla yani? Angithi uyeyisa wena? Fusegi hamba kini ke. (Amemeze) ekse Zethu mfethu awume lapho kangizi kudlala Lona mina.

Zethu: gijima ntwana.(afike u Mandla)

Mandla: sho boy

Zethu: kuhambeni ntwana?

Mandla: nx! Iyaphapha lento mfethu ngiyayiyeka manje.