Mkhize: ngaba mnyama nje uyangibona.
MaZuma: ayi cha uyangiphoxa kodwa baba yazi uyakwazi ukulimosha usuku lwami.
Mkhize: lulungise ke nkosikazi bese ungiphakela ukudla assomblief tu.
MaZuma: okwabonwa yini impela ngakubona ngakubeletha (asukume aye ekhishini)
Mkhize: vele ukwethule okutetile kodwa nawe uyaxaka ungavele utete izinto ezibonwa nguwe wedwa Thina abanye esingaziboni? Okanye sewabeletha izilwane yini nkosikazi?
MaZuma: uyazi uyangethuka baba ngalawo magama?
Mkhize: ncese Wena gcinetheni wami, woza sizodla sobabili sike sizenzele ipikiniki yethu sobabili Lana phansi.
MaZuma: yini manje ipikiniki? Baba
Mkhize: uyabona ukuthandana nezidomu kuhlupha lana ke, yazi ngisabathe ngiba lomentikhi kuwe uvele ungibhekise eceleni.
MaZuma: kulungile ke baba asiyenze leyo pikiniki yakho. Yenziwa kanjani kuqala phela ukhumbule sengigugile mina sengiphathwa amathambo namadolo.
Mkhize: nkosikazi uwendlala icansi nebhayi phansi bo.
MaZuma: akunankinga baba (azendlale lezinto)
Mkhize: awuzwake Wena Dali, awungilandele nokhamba lwami endlini yakwa gogo.
MaZuma: ayi baba Wena uthumana noma siku pikiniki? Ayi nje ubuqhaza abuphumi kuwe.
Mkhize: ngiyindoda yomzulu phela mina futhi kumele uvubele ntambama ukuze namadlozi alayikhaya ezojabula kuke kunuke amavovo ngizoke ngikhulumele lomfana emsamu ngicele idlozi limfunise intombi ayeke ubunkonkoni.
MaZuma: kodwa ave uphoxa Khabazela.
(Sekugxabha isish Ku Mandla njengoba nakhu seziyela ngasemansumpeni phela ngoba isikole sesizophuma, avele acele ukuya endlini encane Ku thisha wabo, amuvumele . Lana usendlini encane ukhuluma yedwa)
Mandla: eish kambe kumele ngiqale ngithini Ku Lindiwe ngoba kade sengimubingelele (anikine ikhanda) kodwa sekuyobonakala khona yeah I have got this , ngizoyenza lento ngizoyishela lengane iqome futhi. ( Abuyele eklasini ayokhuluma no Zethu)
Zethu: usubuyile ntwana?
Mandla: yebo mfethu ngibuyile bengisayochitha amanzi.
Zethu: ok boy usukulungele ukuthi ukhulume no Lindiwe njengoba nakhu nesikole sesizophuma?
Mandla: nakanjani ntwana
(Yakhala insimbi yokuphuma kwesikole)
Xoli: asambe mngani sesiphumile nje isikole.
Lindiwe: hamba oe mina ngisalinde isoka lami (ahleke)
Xoli: Wena futhi usuthi yisoka lakho njalo?
Lindiwe: ngiyadlala oe yisdwedwe nje lesi engizosiphoxa we Jesu, naba beqhamuka oe hamba phambili mina ngizohamba kancane.
Xoli: ngizohamba phambili kodwa ngifuna ukuzwa Uma sewumgiva mngani.
Lindiwe: naba besondela oe yibe uhamba (ahambe kancane u Lindiwe kuze kufike o Mandla eduze kwakhe)
Zethu: sawubona Lindiwe
Lindiwe: sanibonani ninjani?
Mandla: siyaphila singezwa kuwe?
Lindiwe: ngiyaphila nami.
Mandla: ngisacela ukukhuluma nawe Lindiwe.
Lindiwe: kulungile singakhuluma.
Zethu: nazoke mfanaka.
Mandla: vaya phela ntwana.
Zethu: awe ntwana, yizinto athi ngihambe nanangu u Xoli.(ahambe aze afice u Xoli, kusale u Mandla no Lindiwe)
Lindiwe: khuluma phela Mandla, uthini?
Mandla: bengithi nje ngifuna ukukutshela ukuthi umuhle.
Lindiwe: oh! Ngiyabonga ke, so yilokho nje kuphela?
Mandla: benifundani vele namhlanje?
Lindiwe: isizulu Kanti Wena bewufuna ngifunde isibhunu yini?
Mandla: cha akunjalo, ukuthi nje bengizibuzela.
Lindiwe: nami bengiziphendulela.
Mandla: ok, yazi bengingazitsheli ukuthi uzovuma ngikukhaphe .
Lindiwe: angivumanga kodwa bengifuna ukuzwa ukuthi ufunani Kanti uzongibhedela.
Mandla: ncese ke Uma ubona kanjalo.
Lindiwe: ncese kakukako, yini khuluma wabe sewubanjwa amalimu manje?
Mandla: awukame kancane hawu musa ukuzenza juice ube ungelona i – fruit, ngakhoke ungazitsheli u clever ngami.
Lindiwe: ngizishaya u clever makwenzenjani ke?
(Bahleke u Xoli no Zethu phambili)
Xoli: uyabhayiza lomngani wakho yezwa.
Zethu: usafunda ukushela phela untanga yikho kunjena nje.
Xoli: kodwa akufani naye buka nje muhle kanjani lomfana.
Zethu: usuyamfuna ke manje.
Xoli: angazike lapho ngizwa ngawe.
(Ziyabuya ngemuva Ku Mandla no Lindiwe)
Lindiwe: Wena nje uqinelwe ulimu nje angazi uphasa kanjani nase skoleni ngoba ulokhu uphendula izinto engingazibuzanga.
Mandla: yibambe lapho ke, uyabona ke Uma kuziwa ngasezincwadini ngihamba phambili kwawena nje awufiki kimina. Ngakhoke vele uhambe uyekini nopete nobubi futhi ngithi ngiyakucwebezelisa Kanti ngisukela imbebebe enerusi.
Lindiwe: bengikudlalisa Mandla wabe sewukhwela uzehlela nje kimi manje, ngoba ngiyazi ukuthi vele uyisiqenqe kodwa lokho akusho ukuthi usungangikhumbuza.
Mandla: ayi man uyangenyanyisa ngoba bengikhuluma Kahle nawe kodwa Wena uyagxumagxuma nje.
Lindiwe: kodwa mina bengithi musa ukungingiza yisho into bewuzoyisho ukuze ngizokhona ukukhululeka, ngiyaxolisa.
Mandla: kuhle ngoba uyalibona iphutha lakho ukuthi nje ubusaphethwe ukuphapha , yazin kuncono uhambe sesiyobuya siluqhubeke loludaba lwethu ngoba usungidinile.
Lindiwe: kodwa Mandla ngithe ngiyaxolisa nje?
Mandla: uxolisa ngoba uqinisile noma usaqhuba Kona ukungeyisa namanje?
Lindiwe: ngixolisa ngoba ngiqinisile.
Mandla: kulungile ke hamba uyoqinisa ezincwadini bese uzoxolelwa yimiphumela yazo.
Lindiwe: kodwa Mandla?
Mandla: kodwa Mandla yani? Angithi uyeyisa wena? Fusegi hamba kini ke. (Amemeze) ekse Zethu mfethu awume lapho kangizi kudlala Lona mina.
Zethu: gijima ntwana.(afike u Mandla)
Mandla: sho boy
Zethu: kuhambeni ntwana?
Mandla: nx! Iyaphapha lento mfethu ngiyayiyeka manje.