(Kusekhaya kwa Khabazela, uMkhize uxoxa nomkakhe)
Mkhize: (ememeza) wemconjwana awuze ngapha.
MaZuma: angizwanga mina?
Mkhize: Kanti ulele ngalamagwagwa akho ezindlebe yini?
MaZuma: uyabonake usuyangisukela ngalesimuhluza Sakho sekhanda, okokuqala nje ungibozelani ngoba ngisematasa phandle.
Mkhize: kungabe sekuyicala yini ukubiza umuntu wami ngoba ngifuna ukugqiba ikhebuli nje?
MaZuma: uzoze uligqibe nje lalimbiwe uwena yini?
Mkhize: alimbiwangwa yimina ngoba angithi esikhundleni sokuthi limbiwe yimina, wabe sewuyolinika o kleva qede bakushiya unkemile.
MaZuma: angithi wawenziwa ukubhayiza yikho kwenzeka kanjalo nje.
Mkhize: kulungile ke kleva ongasile, kunodaba okumele siludingide lana nkosikazi.
MaZuma: yiluphi loludaba kodwa mnyeni wami?
Mkhize: ilolu lalomfana uthi ucela ukuyo greda ngeviki elizayo.
MaZuma: ku greda kuni abayokwenza lokho baba, bengaze bayobhema izidakamizwa.
Mkhize: awe Jesu ngaze ngavelelwa ! Yini kodwa ngalegenge engafundile engafikanga kwa matric. Nkosikazi udomu yezwa yini udomu.
MaZuma: okusalayo ungithanda ngidomu nginjalo.
Mkhize: oh! Kade sengikwazisa ke ukuthi umfana angeke alale layikhaya ngeviki elizayo, akuhlale ke lokho kulesphomoliya sombhojolozi oyikhanda lakho. Unekhanda elikhulu mahhala kodwa ingqondo ayibonwa nangokhalo.
MaZuma: Kanti Wena Kimi wawuthanda ikhanda yini noma inkomo?
Mkhize: inkomo kusobala kodwa phela nekhanda kwakumele lisebenze lingabi nje yisinqukuza esikusindela amahhala.
MaZuma: ungasangikhulumisi ngibhizi.
Mkhize: ubhizi njengoba undwazile nje ngathi yinkukhu ithelwe ngamanzi.
MaZuma: webaba!
Mkhize: ja uthini?
MaZuma: ngithe ungabe usangikhulumisa njalo.
Mkhize: manje Wena ungikhulumisa kanjani?
MaZuma: ngikukhulumisa kahle.
Mkhize: Kahle Uma kwenzenjani?
MaZuma: don’t talk to me talk to my lawyer, dammit!
Mkhize: weeeh kwenyukela isingisi esihwayekile sesime ngenhla.
MaZuma: Pho kunani? Nx! (Aphumele phandle)
(Kuse klasini kuxoxa u Lindiwe no Xoli)
Lindiwe: chommie awusho sewunayo nje i – date yangeviki elizayo?
Xoli: lutho ke dear ngisamelwe nje ukulokhu ngincengana nabafana ukuze ngibe nayo, Wena sewunayo yini?
Lindiwe: kuphi khona mngani, ngisafuna ukuzama u Mandla, yazi mhlampe avume nje.
Xoli: muzame mngani ayikho ijika shame.
Lindiwe: kodwa ngiyamsaba ke oe, ngifisa ngabe nginesibindi nje ngimuqonde.
Xoli: kodwa ngabe uzama u Zethu ngoba kubukeka ngathi ni close ninaye.
Lindiwe: uyabona ngikuthandela lokhu ke wena oe, ngoba uhlakaniphile sengizocela yena.
Xoli: good luck mngani wami.
(UMandla ulokhu ekhuluma no Zethu bese kungena u Jabulani)
Mandla: ekse ntanga lenyoni ayisabuyi ke manje.
Zethu: mhlampe usahlanganisa iplan untwana njengoba nalo girl odayisa laphana engawubambi umshini.
Mandla: (ahleke) kungancono Uma engafica umagatshana wakhona ukuze azomphaphamisa ngesicima ngiyayibona lentwana ayisakhanyi.
Zethu: awu sisakhuluma ngaye nje nangu engena.
Jabulani: sho bafethu naba abo polony benu.
Mandla: grand sharp Wena mfanyana awusangifundeli yini ngikuthume Lana esangweni bese Wena uhamba unyaka wonke, uyazibona kodwa ukuthi kusamele ubhadale ukuthi ungilindise isikhathi eside ngaze ngawusutha nalo polony ndini wakho.
Jabulani: Hade mfethu ukuthi bengisachazela loya girl ukuthi kuhambani.
Mandla: kuhambani vele chazela mina ke?
Jabulani: kuhamba izinyawo bhuti omdala ngoba obhonsi bakhathele.
Zethu: (aqhume yinsini) kahleni bafethu yiyekeni lento yenu.
Mandla: bakhathazwe yini? Yimi?
Jabulani: lutho mfethu.
Mandla: uyabona kodwa ukuthi usungingena e andeni mfanyana usungiluma umphambili phela manje nx! Futhi shaya ama push ups ayishumi Lana for ukungeyisa kwakho.
Jabulani: awukahle mfethu phambi kwezingane Pho? Ngeke kulunge.
(Kusondele u Sindi intombi ka Jabulani)
Sindi: Jabulani kwenzenjani wabhayiziswa u Mandla kangaka wavuma nawe, yini?
Jabulani: akulutho Sindi asambe siyohlala phansi.