(Kusekhaya kwa Khabazela, uMkhize uxoxa nomkakhe)

Mkhize: (ememeza) wemconjwana awuze ngapha.

MaZuma: angizwanga mina?

Mkhize: Kanti ulele ngalamagwagwa akho ezindlebe yini?

MaZuma: uyabonake usuyangisukela ngalesimuhluza Sakho sekhanda, okokuqala nje ungibozelani ngoba ngisematasa phandle.

Mkhize: kungabe sekuyicala yini ukubiza umuntu wami ngoba ngifuna ukugqiba ikhebuli nje?

MaZuma: uzoze uligqibe nje lalimbiwe uwena yini?

Mkhize: alimbiwangwa yimina ngoba angithi esikhundleni sokuthi limbiwe yimina, wabe sewuyolinika o kleva qede bakushiya unkemile.

MaZuma: angithi wawenziwa ukubhayiza yikho kwenzeka kanjalo nje.

Mkhize: kulungile ke kleva ongasile, kunodaba okumele siludingide lana nkosikazi.

MaZuma: yiluphi loludaba kodwa mnyeni wami?

Mkhize: ilolu lalomfana uthi ucela ukuyo greda ngeviki elizayo.

MaZuma: ku greda kuni abayokwenza lokho baba, bengaze bayobhema izidakamizwa.

Mkhize: awe Jesu ngaze ngavelelwa ! Yini kodwa ngalegenge engafundile engafikanga kwa matric. Nkosikazi udomu yezwa yini udomu.

MaZuma: okusalayo ungithanda ngidomu nginjalo.

Mkhize: oh! Kade sengikwazisa ke ukuthi umfana angeke alale layikhaya ngeviki elizayo, akuhlale ke lokho kulesphomoliya sombhojolozi oyikhanda lakho. Unekhanda elikhulu mahhala kodwa ingqondo ayibonwa nangokhalo.

MaZuma: Kanti Wena Kimi wawuthanda ikhanda yini noma inkomo?

Mkhize: inkomo kusobala kodwa phela nekhanda kwakumele lisebenze lingabi nje yisinqukuza esikusindela amahhala.

MaZuma: ungasangikhulumisi ngibhizi.

Mkhize: ubhizi njengoba undwazile nje ngathi yinkukhu ithelwe ngamanzi.

MaZuma: webaba!

Mkhize: ja uthini?

MaZuma: ngithe ungabe usangikhulumisa njalo.

Mkhize: manje Wena ungikhulumisa kanjani?

MaZuma: ngikukhulumisa kahle.

Mkhize: Kahle Uma kwenzenjani?

MaZuma: don’t talk to me talk to my lawyer, dammit!

Mkhize: weeeh kwenyukela isingisi esihwayekile sesime ngenhla.

MaZuma: Pho kunani? Nx! (Aphumele phandle)

(Kuse klasini kuxoxa u Lindiwe no Xoli)

Lindiwe: chommie awusho sewunayo nje i – date yangeviki elizayo?

Xoli: lutho ke dear ngisamelwe nje ukulokhu ngincengana nabafana ukuze ngibe nayo, Wena sewunayo yini?

Lindiwe: kuphi khona mngani, ngisafuna ukuzama u Mandla, yazi mhlampe avume nje.

Xoli: muzame mngani ayikho ijika shame.

Lindiwe: kodwa ngiyamsaba ke oe, ngifisa ngabe nginesibindi nje ngimuqonde.

Xoli: kodwa ngabe uzama u Zethu ngoba kubukeka ngathi ni close ninaye.

Lindiwe: uyabona ngikuthandela lokhu ke wena oe, ngoba uhlakaniphile sengizocela yena.

Xoli: good luck mngani wami.

(UMandla ulokhu ekhuluma no Zethu bese kungena u Jabulani)

Mandla: ekse ntanga lenyoni ayisabuyi ke manje.

Zethu: mhlampe usahlanganisa iplan untwana njengoba nalo girl odayisa laphana engawubambi umshini.

Mandla: (ahleke) kungancono Uma engafica umagatshana wakhona ukuze azomphaphamisa ngesicima ngiyayibona lentwana ayisakhanyi.

Zethu: awu sisakhuluma ngaye nje nangu engena.

Jabulani: sho bafethu naba abo polony benu.

Mandla: grand sharp Wena mfanyana awusangifundeli yini ngikuthume Lana esangweni bese Wena uhamba unyaka wonke, uyazibona kodwa ukuthi kusamele ubhadale ukuthi ungilindise isikhathi eside ngaze ngawusutha nalo polony ndini wakho.

Jabulani: Hade mfethu ukuthi bengisachazela loya girl ukuthi kuhambani.

Mandla: kuhambani vele chazela mina ke?

Jabulani: kuhamba izinyawo bhuti omdala ngoba obhonsi bakhathele.

Zethu: (aqhume yinsini) kahleni bafethu yiyekeni lento yenu.

Mandla: bakhathazwe yini? Yimi?

Jabulani: lutho mfethu.

Mandla: uyabona kodwa ukuthi usungingena e andeni mfanyana usungiluma umphambili phela manje nx! Futhi shaya ama push ups ayishumi Lana for ukungeyisa kwakho.

Jabulani: awukahle mfethu phambi kwezingane Pho? Ngeke kulunge.

(Kusondele u Sindi intombi ka Jabulani)

Sindi: Jabulani kwenzenjani wabhayiziswa u Mandla kangaka wavuma nawe, yini?

Jabulani: akulutho Sindi asambe siyohlala phansi.