Jabulani: awume bby mani kunini ngilokhu ngikukhuza sengizogcina ngikubamba ngempama ke manje.

Sindi: kulungile baby sengithule kodwa nje sewufuna ukuba yisidlalo so Mandla pho? Ebantwini bonke, uMandla? Kahle Wena yiba yindoda.

(Asuke aye ku Mandla yena uJabulani)

Jabulani: ekse bafethu.

Mandla: usho kubani ukuthi “ekse” Wena? Usibona singobhari njengawe manje?

Jabulani: cha mfethu, akunjalo.

Mandla: sengingu mfowenu ngizalwa nawe?

Jabulani: akunjalo Mandla.

Mandla: yizwa ke lempatha isingibiza ngegama? Usithathaphi lesibindi sokungibiza ngegama?

Jabulani: angisithathi ndawo bhuti.

Zethu: Smindlozi myeke u auty, buka lonke iklasi selibheke nina manje.

Mandla: Zet, angithi Wena awungene lapho? Thulake.

Zethu: sho ntanga.

Mandla: awunawo u 50 cent lapho ntanga?

Zethu: ukhona mdladla nanku.

Mandla: ngiboleke ngizokunika ngoba manje ihlangene Lena eyami.

Zethu: yizo ntanga.(amnike)

Mandla: sho ntanga, Wena mpatha woza lana. Thatha lo 5 bob uyongithengela opolony abayi 6, manje ube sewulana.

Jabulani: angeke benele abayi 6 bhuti, konela owodwa.

Mandla: Pho mina ngenzeni ngalokho? Ngihleke?

Jabulani: lutho ungagleki.

Mandla: ngenzeni ke ngikhale ngoba Wena ungitshela ukuthi ngeke banele?

Jabulani: cha ungakhali, ngizofika ngitshele Loya mama ukuthi ngithunywe nguwe.

Mandla: bese kwenzakalani ke emveni kwalokho?

Jabulani: kuyobe sekubhadaleka ngokuzayo.

Mandla: kuzobhadala Wena ke, hamba.

Sindi: hawu! uJabulani ususabiswa ngu Mandla kusuka nini kodwa?(ebambe umlomo)

(Ahambe uJabulani aye estolo, kusale kukhuluma uZethu no Mandla)

Zethu: kodwa udlalile ngale ntwana ntanga.

Mandla: iyabhayiza nje ngiyifundisa isfundo sokuthi ingaphinde icabange lodoti yayiwenza.

(UJabulani ulibangise esitolo udinwe wagana unwabu afike athenge)

Jabulani: sawubona sisi.

Boni: yebo bhuti, ngingakusiza ngani namuhla?

Jabulani: kungabe uyawudayisa upolony layikhaya?

Boni: hawu! Bhuti wabuza ibhasi ibhaliwe nje?

Jabulani: udayisa nebhasi futhi?

Boni: cha asilidayisi.

Jabulani: Pho manje ibhasi Lona lingenaphi?

Boni: lingena egarage webhuti Uma seliyokwetha upetrol.

Jabulani: oh! Nina niyawetha upetrol lana kini?

Boni: cha.

Jabulani: ungayichayi izosuke yome, mina ngithe ibhasi niyalidayisa yini lana?

Boni: cha.

Jabulani: ngithe ungayichayi izokoma yeses, manje ibhasi obukhuluma ngalo liyeza lana kini lizonibikela ukuthi seliyokwetha bese nilibhala?

Boni: ayizi lana.

Jabulani: manje umnini wayo uyanitshela ukuthi ibhasi selibhaliwe?

Boni: bhuti weh, upolony siyawudayisa layikhaya.

Jabulani: oh! Manje bewuhlulwa ukusho lokhu sonke lesikhathi?

Boni: uwena nje osuke wangiwela istuff.

Jabulani: oh! Mina ngiyi stuff sebhasi leli bewulisho?

Boni: bhuti uyathenga noma kawuthengi?

Jabulani: ngithenge ibhasi?

Boni: cha, ngingakusiza ngani?

Jabulani: (lwehle ulaka) uyazi Wena dadewethu ngisacela opolony abahlanu (amnike imali)

Boni: yimihloko kababu Johannes phela Lona. Bhuti udelela kanjena nje Kanti uphethe nemali eahodayo? Wake wawubonaphi upolony kasheleni?

Jabulani: angifuni upolony kasheleni mina ngifuna owami engizowudla.

Boni: manje uzobhadala nini ke? Ngoba kusobala uzokweleta phela.

Jabulani: ngizokubona nje ngolwesihlanu Sisi wami ngisize bakithi.

Boni: ukuze ngizokusiza kuzomele ushiye umakhalekhukhwini wakho ubambise ngawo ngoba angikuthembi.

Jabulani: kodwa Sisi ngoba ngilikhasimende elikhulu nje layikhaya?

Boni: uyikhasimende elikhulu kubaba wakulelikhaya hhayi kimi phela.

Jabulani: (ekhiphe ifoni amunike) kulungile ke sisi nansi ke.

Boni: sengiyobona ngawe ke ngalo ulwesihlanu webhuti usuzolanda ucingo lwakho, thatha naba opolony bakho besihlanu. (Ahambe abuyele eklasini)