Jabulani: awume bby mani kunini ngilokhu ngikukhuza sengizogcina ngikubamba ngempama ke manje.
Sindi: kulungile baby sengithule kodwa nje sewufuna ukuba yisidlalo so Mandla pho? Ebantwini bonke, uMandla? Kahle Wena yiba yindoda.
(Asuke aye ku Mandla yena uJabulani)
Jabulani: ekse bafethu.
Mandla: usho kubani ukuthi “ekse” Wena? Usibona singobhari njengawe manje?
Jabulani: cha mfethu, akunjalo.
Mandla: sengingu mfowenu ngizalwa nawe?
Jabulani: akunjalo Mandla.
Mandla: yizwa ke lempatha isingibiza ngegama? Usithathaphi lesibindi sokungibiza ngegama?
Jabulani: angisithathi ndawo bhuti.
Zethu: Smindlozi myeke u auty, buka lonke iklasi selibheke nina manje.
Mandla: Zet, angithi Wena awungene lapho? Thulake.
Zethu: sho ntanga.
Mandla: awunawo u 50 cent lapho ntanga?
Zethu: ukhona mdladla nanku.
Mandla: ngiboleke ngizokunika ngoba manje ihlangene Lena eyami.
Zethu: yizo ntanga.(amnike)
Mandla: sho ntanga, Wena mpatha woza lana. Thatha lo 5 bob uyongithengela opolony abayi 6, manje ube sewulana.
Jabulani: angeke benele abayi 6 bhuti, konela owodwa.
Mandla: Pho mina ngenzeni ngalokho? Ngihleke?
Jabulani: lutho ungagleki.
Mandla: ngenzeni ke ngikhale ngoba Wena ungitshela ukuthi ngeke banele?
Jabulani: cha ungakhali, ngizofika ngitshele Loya mama ukuthi ngithunywe nguwe.
Mandla: bese kwenzakalani ke emveni kwalokho?
Jabulani: kuyobe sekubhadaleka ngokuzayo.
Mandla: kuzobhadala Wena ke, hamba.
Sindi: hawu! uJabulani ususabiswa ngu Mandla kusuka nini kodwa?(ebambe umlomo)
(Ahambe uJabulani aye estolo, kusale kukhuluma uZethu no Mandla)
Zethu: kodwa udlalile ngale ntwana ntanga.
Mandla: iyabhayiza nje ngiyifundisa isfundo sokuthi ingaphinde icabange lodoti yayiwenza.
(UJabulani ulibangise esitolo udinwe wagana unwabu afike athenge)
Jabulani: sawubona sisi.
Boni: yebo bhuti, ngingakusiza ngani namuhla?
Jabulani: kungabe uyawudayisa upolony layikhaya?
Boni: hawu! Bhuti wabuza ibhasi ibhaliwe nje?
Jabulani: udayisa nebhasi futhi?
Boni: cha asilidayisi.
Jabulani: Pho manje ibhasi Lona lingenaphi?
Boni: lingena egarage webhuti Uma seliyokwetha upetrol.
Jabulani: oh! Nina niyawetha upetrol lana kini?
Boni: cha.
Jabulani: ungayichayi izosuke yome, mina ngithe ibhasi niyalidayisa yini lana?
Boni: cha.
Jabulani: ngithe ungayichayi izokoma yeses, manje ibhasi obukhuluma ngalo liyeza lana kini lizonibikela ukuthi seliyokwetha bese nilibhala?
Boni: ayizi lana.
Jabulani: manje umnini wayo uyanitshela ukuthi ibhasi selibhaliwe?
Boni: bhuti weh, upolony siyawudayisa layikhaya.
Jabulani: oh! Manje bewuhlulwa ukusho lokhu sonke lesikhathi?
Boni: uwena nje osuke wangiwela istuff.
Jabulani: oh! Mina ngiyi stuff sebhasi leli bewulisho?
Boni: bhuti uyathenga noma kawuthengi?
Jabulani: ngithenge ibhasi?
Boni: cha, ngingakusiza ngani?
Jabulani: (lwehle ulaka) uyazi Wena dadewethu ngisacela opolony abahlanu (amnike imali)
Boni: yimihloko kababu Johannes phela Lona. Bhuti udelela kanjena nje Kanti uphethe nemali eahodayo? Wake wawubonaphi upolony kasheleni?
Jabulani: angifuni upolony kasheleni mina ngifuna owami engizowudla.
Boni: manje uzobhadala nini ke? Ngoba kusobala uzokweleta phela.
Jabulani: ngizokubona nje ngolwesihlanu Sisi wami ngisize bakithi.
Boni: ukuze ngizokusiza kuzomele ushiye umakhalekhukhwini wakho ubambise ngawo ngoba angikuthembi.
Jabulani: kodwa Sisi ngoba ngilikhasimende elikhulu nje layikhaya?
Boni: uyikhasimende elikhulu kubaba wakulelikhaya hhayi kimi phela.
Jabulani: (ekhiphe ifoni amunike) kulungile ke sisi nansi ke.
Boni: sengiyobona ngawe ke ngalo ulwesihlanu webhuti usuzolanda ucingo lwakho, thatha naba opolony bakho besihlanu. (Ahambe abuyele eklasini)