Zethu: akunampi engizoyisusa lana mina ngoba kwawena ngeke uthande ngosuku oyobona ngalo lentombazane ejola nentwana yami.
Lindiwe: kangeke ngithande? Kanti ubani loyo? Ngiyamazi yini mina?
Zethu: yebo uyamazi kodwa ke asikho lapho silana kulendaba yami nawe.
Lindiwe: ukuthi senzeni thina kambe?
Zethu: ukuthi sobabili asinabantu bokuya kwi farewell.
Lindiwe: ok kodwa ke lokho kuyobe kungasho ukuthi sesiyajola.
Zethu: asazi ke lapho only God knows.
(UMaZuma usemgezile uMandla isilonda)
Mandla: ngiyabonga mama, uyazi kwathi dwe nezinhlungu.
MaZuma: kulungile ndodana Kanti bese kubuhlungu ngaleyo ndlela na?
Mandla: yey wemama loya muntu ubesho kungibulala ngenduku ngize ngasizwa yisona isibhaxu sikababa engibuyisela kwi ring ngoba bese ngifuna ukubaleka mina.
MaZuma: ngimazi enjalo ke uyihlo ndodana, nasekukhuleni kwakhe ubengavumi ukwehlulwa yikho enenkani nolaka kangaka.(angene u Mkhize)
Mkhize: ngqi! Nganibamba niyangihleba bolwabishi.
Mandla: lutho baba, umama ubesangitshela nje ukuthi wawungavumi ukuhlulwa ngenkathi usakhula.
Mkhize: uyabona ke mina mfana wami ekukhuleni kwami ngangingu Mike Tyson wempama, mfana wami. Uyizwile njena nalena engikuphose yona ibihamba nogesi kwaqhuma ama generators aka Eskom kwenzeka iload mshedisi yikho namanje singena gesi.
MaZuma: hawu! Baba usho ukuthi asinagesi nje ingenxa yakho (ethwala izandla ekhanda)
Mkhize: ngingenaphi egesini mina Kanti ngiwu Telkom yini manje? Ningangihloleli Nina. Ake ngiyolala ngikhathele Kabi.
MaZuma: hambolala khehla, phela akudlali ukusiqedela ugesi sgwebedla.
(UBongiwe ukhuluma no Mandla Ku Facebook)
Bongiwe: hello, stranger.
Mandla: ntombemhlophe, sihlabathi solwandle uyaphila mama?
Bongiwe: ngiyaphila ngibona kona ukungasakhulunyiswa ngathi sesaxabana.
Mandla: Kanti lutho ke Wena gorgeous, ukuthi bengisematasa ngezinto zesikole futhi ngapha kumele ngilungiselele ne matric dance isisemome.
Bongiwe: cha umatasa ngampela futhi ngiyathokoza Uma uzimisele kangaka ngesikole.
Mandla: kunjalo anginayo enye iplan ngoba nasekhaya siyazisokolela nje ngakho ke yimina okumele ngisebenze ngokuzikhandla ukuze ngizovusa ikhaya lika baba.
Bongiwe: I’m so proud of you Mandla, I really do.
Mandla: kwavele kwathi cosololo phakathi ekujuleni kwenhliziyo Yami Uma usho kanjalo uyazi.
Bongiwe: kantike khululeka Wena kusekuncane lokhu.
Mandla: usho nje?
Bongiwe: yebo, awungitshele inini yona i farewell yenu?
Mandla: kuthiwe izoba ngeviki elizayo ngolwesihlanu.
Bongiwe: ok, so Wena uyaya?
Mandla: yebo ngiyaya kodwa kusamele ngizame ukuboleka izinto zokwembatha kubangani bami.
Bongiwe: why kumele uziboleke?
Mandla: ukuthi anginazo nje imali enginayo yenela ukukhokhela ukuhamba.
Bongiwe: Uma kungathiwa uthenga ezakho ungadinga malini?
Mandla: mhlampe kungaba yimali engango R600, ukuze ngizothola ibhulukwe nehembe.
Bongiwe: ayibo imali encane kangaka zizokwenela nje lezo zimpahla?
Mandla: yebo zokwenela manje kuyafana ke anginayo kwayona leyomali encane.
Bongiwe: ngithe kuwe khululeka ngalokho, next week Tuesday ungikhumbuze uyezwa?
Mandla: ngiyabonga Bongiwe kodwa Wena uzoyithathaphi?
Bongiwe: uyokwazi ngelinye ilanga lokho.
Mandla: ngiyabonga ngeke ngisalokhu ngibuza izinto eziningi.
Bongiwe: good boy, ngiphe izinombolo zakho zikamakhalekhukhwini.
Mandla: nazi 072…..099
Bongiwe: ngiyabonga so ufoneleka nini?
Mandla: ngitholakala after 8 kusihlwa .
Bongiwe: kulungile ngizokufonela kusasa.
Mandla: ngicela ungipha ezakho ngizokhona ukuzi saver.