Njengoba kwase kusile uMaZulu wakhelela amanzi empompini ebhakedeni wabhunyela wonke umuntu endlini ngenkomishi yamanzi.

“Vukani bo, kunini ilanga liphumile nithi ubani ozolungiselela umngcwabo? Abantu bazofika kungek’dala.”

Bavuka abantu bexakekile nje ngoba abakhumbuli belala.Uma uMaZulu yena wayengalele pho ubengabavusi ngani? Bayiphebeza nokho leyom’buzo bengafuni ukusola ukuthi umakoti ka Ngubane wayenesandla kulokhu klala kwabo bengazelele. Aqala amalungiselelo omngcwabo, nabantu basemphakathini nezihlobo bafika ngobuningi babo bezovalelisa kumama wakwa Ngubane. Isililo sasilokhu siqhume njalo abanye baze baziginqe phansi. Wayeyedwa ongasafuni ukusuka eduze kwe bhokisi, eyedwa osexhakwe ngapha nangapha ngoba engasakwazi ukuzihambela. Wayethandwa uMaMkhize emphakathini.Enomusa esiza wonke umuntu, nasesontweni wayaziwa nakuba naye ayengenalutho olutheni kodwa ok’ncane anakho wayabelana ngakho nabanye wayeze ethi “akukho lunga lomphakathi labulawa inkemane yena enezandla zokulima” ngoba wayekuthandani ukulima.Wayenensimu enkulu ekhephuzelayo. Isivuno ayesithola kuleyonsimu wayesilayisha evenini ka Sboniso eye naso esontweni ukuze aphe labo abahlwempu. Ukuhamba kwakhe emhlabeni kwase kushiye esikhulu isikhala ezinhliziyweni zabaningi. Wahamba kahle umngcwabo kungekho lutho oluphazamisayo. Bavalelisa abantu ntambama sebebuyela emakhaya.