Ziyofa izinsizwa kuyosala izibongo,

Sezafa izinsizwa sasala nezibotho, Manibakhohlisa nithi niyizinsizwa,

Angiboni nsizwa, mina ngibon’amavaka,

Izinsizwa zagcina ngoSiyaz’idad’ekhulu,

Lala Bete, lala Nongalo uphumule,

Kulomhlaba ungishiye nemnqolo,

Bagob’amaqolo, kuyasind’enqulu,

Uma beyizamulisa kuhlehl’iqulu,

Bayazikhukhumeza bazibona bebakhulu,

Uma ubalwisa bakuthumela komkhulu,

Ngomkhono wekati kukhihwl’esikaNandi,

Abanaluvalo kubo impilo imnandi,

Ngenganono ikati lilele eziko,

Ngenganono izingane zisele nganeno,

Abafelokazi kanye nezintandane banganeno,

Inganono yangithathel’abanewethu,

Ngomzuzwana bebengasebona abethu,

Ukuzamula kweyamagwala kuza nosizi,

Noma ukhala uxolisa akekho ongakusiza,

Endulo ikhanda belivuza manje libebomvu,

Namuhl’intshebe ibheka phezulu ibebomvu,

Ngemvula yentululwane zikhal’enyameni,

Maqed’indoda ibhukud’esizibeni sayo,

Nasemgangeleni siyesab’ukubadlalisa,

Wabadlalisa badlalis’umunwe womunyu.