Zalo lezinsizwa
Zalo Lobaba
Mfoka baba, Ngane yakwethu
Wena ozalwa ubaba ongebaba,ngisho ubaba Omkhulukazi.
Zalo lami, gazi Lami, aboyothinta wena bayobe bathinte mina uqobo.
Siza ungabheki abangaphandle
Siza ungajike ngoba usuzwa ngabantu, utshelwa imina uzalo lakho.
Abantu bayadidisa abanye bayabulalisa.
Uma bethi, “Angikhathaleli,” bayobe besenga ezimithiyo.
Impela bayobe bewahumbuza amanga bhande lami mina nginawe
Sheini/Xein Lami uma usungiqgashukela mina k’shuthi ngyosala budengwane.
Zalo lami buya kimi
Bheka mina mfowethu.
Uma singabambana sibebhandelinye, mina nje ngyothokoza
Ungawakwethu wena Nomasikisiki
Ungowasekhaya wena Nomafu