Xola nhliziyo yami

Uthando lweqiniso unalo.

Uthando nemfundumalo unalo

Abantu abeza nenhloso ezingafani

Bakuthathe bakophule ngoba bekubona ungayinto

Bathi ubuthakathaka ngoba uyashesha ukuzwela

Xola nhliziyo yami

Umnikezile Uthando lweqiniso

Isono sakho ukuthi imali awunayo

Sebangijimisa ubumnandi bakhohlwa uthando

Bakhohlwe yithi esibathanda ngokwe qiniso

Kulemihla ukuze ubeyindoda kufuneka imali

Xola nhliziyo yami

Konke okwenzile ubukwenza ngokwe qiniso

Ubunamaphupha neyifiso ngani

Kodwa konke lokho kwashabalala njengama zolo

Xola nhliziyo yami