Wangishiya…

Wangishiya sthandwa wangilaya.

Ngaphenduk’ intlekis okwa somohlaya.

Sololokhu nginqengana nawe okwehlanya.

Wangishiya ungithembise ukuth’ uzongifela.

Indoda ayikhali kodwa kimi ziyayiwela.

Ngisakhumbula sibizana ngekhwela

Ngidle phasi ubabakho mevela.

Aww hhe! yangishiya intomb’ engayishelela.

Wangishiya sthandwa wangilaya.

Wangishiya ngikhala ezimaqonsi.

Amazw’ akho aseyahlaba okwedonsi.

Ngyabhala, ngyaqisha,

Ngyabhala ngyaqish okwehlanya.

Solokhu wahamba sengihlalel’ ukukhala.

Hlala hlala!

Ngisakhumbula lolosuku ngikunqenga ukuthi hlala.

Wangishiya sthandwa wangilaya.

Wena ngangithi ngzokwenza unkosikazi,

ngoba nawe wangithembis indodakazi.

Wangshiya ndon’yamandzi.

Wangicitha kweyakh’ intliziyo okwamandzi.

Ngihlushwa ukungabi nabo ubufakazi,

ngoba eyami intliziyo wayeba ngyazi.

Washiy’ isikhala sayo sigobhoz igazi.

Mfazi, mfazi…

ngisakhala ngegama lakho namanje!

By the way, kwakufanele sishade namhlanje.

Kodwa ke wangishiya.

Wangishiya sthandwa wangilaya!