Uyinqaba wemfundo
Umthombo wakho wolwazi awupheli
Bakwazi ngisho bengathandi
Iqengqe ziyiqengqe ngenxa yakho
Ngichitha isizungu ngawe
Angilali nguwe ngoba ngifuna ukukwazi
Uyisikhiye sempilo yethu
Sikhipha imali ngenxa yakho ngoba sifuna
ukuhamba siyokwazi