Uyangithanda,ngyakthanda
Yebo ngyakthanda kepha
Ngibona sengathi ingcazelo
Yalokho awuyazi.
Lalela mina ngikutshele ngothando
Engikhuluma ngalo.
Impatho,isneke nokubekezela
Ngyacabang’ ukuthi uyazi ukuthi
Yizona zinto ezibanga injabulo
Othandweni.
Inkinga yenu nina ntsha
Senalibala ucansi ngakhohlwa
Uthando.
Nilibele ukuthintana okwangasese
Ngoba nithi nikhombisana uthando