Ncono ngibe yis’qila sothando kunenzondo,

Phela akunakuzikhukhumeza.

Kodwa yilona olusifaka ezinkingeni.

“Wawuthe uzongithanda kunaphakade”

Kuncono ukuba sothandweni

Kunokuba osizini.

Phela akusiniswa mahleza osizini.

Uma ulokhu ubala iziphambeko,

Uyohlala njalo ubona iziphambeko.

Ncono ngihlale lapho kunothando

Kanye nemfundumalo.

Ukuze ngikwazi ukuthola ukuthula.

Ncono ngibe yis’didi uqobo

Uma kuzophephisa eyami

Inhliziyo emeveni.

Ngiyis’lima sothando.

Ncono ngihlale othandweni

Kuno kuthi ngihlale ngisindwa

Ifu elimnyama, ngivumeleni ngithi

Uthando yilona elisifihla

Emandleni wobumnyama.