Zolo lokh’ ubuyisinqanda mathe sami,

Kodwa muva nje konke lokho sekuphenduke ichilo,

Uthando lwethu belumnandi lushelela,

Ngizitshela ukuthi wen’ uyohlez’ uyisithandwa sami,

Ngithi mathi ngeliny’ ilanga kweyeth’ imoto siyovez’ iphiko,

Ngoba phela ukuthandana kwethu bese kuwusiko,

Kodwa manje sekubukeka ngathi seluya ngokuphela.

Umzuzu bewungandluli singakhulumile,

Usuku lona beluba lud’ uma singathintene,

Angisaphath’ isonto lona beluba yisihog’ uma singabonene,

Ngoba phela uthando lwethu belusavuth’ amalangabi,

Bekuthi noma kunemp’ ezayo simane siqin’ isibindi singesabi,

Besihlezi sibumbene noma kunzima kanjani,

Yikho nje sase sesiqale nokujikelwa ngabangani.

Kwale ngisho nabomndeni wakho besilwisa,

Bengalifuni ngish’ uthando lwethu.

Kodwa ngazama ngisho kunzima ukulihleng’ uthando lwethu,

Lwazama lwasimama lwakhula kancane kancane,

lwatotoba ngisho indlela inezikhinsi,

Yize bekumanqikanqika kodwa luzamile lwancenga.

Zahamb’ izinsuku,

Yahamba neminyaka,

Kwase kunanela nasekutheni kwanawe uhamb’ esigodini.

Lona luzamile lwatotob’ uthando lwethu,

Sazama nokuthi sithol’ indlela yokufez’ izifiso zethu,

Sesithi vele nomshado wethu sewusinukel’ emakhaleni.

Kodwa kwaqala kwaba neziyinga ying’ endleleni yethu,

Lwabe selukhathazek’ uthando lwethu.

Usuku lonke lwayizolo,

Sithandwa bewungeneme,

kwale noma ngithi ngikubamba kwamancane ngobunono bekathi,

Kodwa esikhundleni sokwenama mntakwethu wakhathazeka,

Kungabe kwenzenjani mntakwethu?

Ngoba ngizamile nokukuthint’ ocingweni waluvala.

Ngazama nokukuthinta nakwizinkundla zokuxhumana wangiziba.

Kanti konakelephi?

Yize umuncu kanjalo kodwa khuluma nami,

Ngikubuzile ukuze ngizochazeleka ngalezenzo zakho zakamuva,

Kodwa uvele wangiziba wayishay’ indiva imibuzo yami,

Kwale noma ngikukhumbuza nokuthi siqhamukaphi naloluthando,

Wakhohlwa nokuth’ izinhliziyo zethu bese zilibophil’ elomshad’ ifindo.

Kuze kwafinyelel’ ekutheni ngithol’ ukuth’ izolo bewuseshendeni,

Ngivele ngazibona ngiyisehlulek’ othandweni.

Usuku lonke lwayizolo,

Kuvele kwaphel’ amaphuph’ ethu wonke,

Kwashabalala nezifis’ esikade sesizenzile zonke,

Kwaphuk’ inhliziyo yami yayimvithi.

Kwaphel’ uthand’ ebese lingumhlahlandlela wempumelelo,

Kwanqamuk’ ubudlelwan’ obebuqinile bukhaliphile.

Tshela mina kungab’ angikunelisi?

Uthando lwami belikuvimbela na?

Kungabe kunini kwaqala ukushendeza kwakho?

Kungab’ uyaziqhenya ngesenzo sakho na?

Kungabe Kade sekuphel’ uthando na?