Uph’ ubaba?
Imihla namalanga ngibalisa ngobaba Wami
Bamthatha bethi bazombuyis’ akangabuya
Kunemibuz’ engihlale ngiyibuza ngobaba wam’ angiphendulwa
Bafweth’ uphi ubaba Wami?
Kwenzakalani ngobaba Wami?
Njal’ Uma kubungazwa lolusuku lobaba mina ngilubungaza ngezinyembezi
Tshelani mina namushiyaphi ubaba Wami
Kuth’ uma kufika isikhathi sokuthi ngab’ uyangidodisa njengobaba kodwa ngimeswele
Kanti nalisaph’ ikhehla lami
Namusaph’ uJezilocingo ngempela
Kuthin’ uma sikhula ngaphandle kukaBaba
Kodwa nina nisangikwelet’ incazelo
Cha nangikhwabanisel’ impilo yokukhula nginobaba
Sengifisa ngish’ ukukhomba ngith’ ithambo lakhe lilele kuphi
Kepha ngizothini nangiphuc’ okuhle engangithi baba kukho
Ngitsheleni namusaph’ ubaba?
Kwenzakalani ngay’ ubaba?
Noma ngifis’ ukuluthokozela lolusuku ngizoluthokozela nobani ngoba nasiphuca yena?
Angeke ngakusol’ ukufa ngob’ akumthathanga yinin’ enaspndeza ukufa kuye
Cha kodwa ningamavaka
Ningamavaka ngoba nanisab’ ukuthi uzel’ izinsizwa eziyoba nesibindi njengaye.
Ngempela uph’ ubaba wami