kuthini kuwe uma ungibona ngilahlekelwe ithemba ngenxa yakho
kuthini kuwe uma ungibona ngingasazazi ukuthi ngingubani
kanti ukuphi unembeza wakho
nginokuzibuza ukuthi wawucabangani
leskhathi ungkhumula, ukhumula
uthatha igugu lami ngokungemthetho
konke lokhu ubukwenza egameni lokuthi ungubab’wami uyangzala
iphutha lami ukzalwa uwena yingakho ungidlulisa ebunzimeni obungaka
kodwa ke akusenani usukwenzile nami akukho engingakwenza
mina engikwaziyo ukuthi umhlaba uyaziphendulela kuzihlakaniphi