Hawu! Waze wamubi ,
Uyisifo esibulala sidibhize imindeni ,
Uyinyoka ebulala ubungani .
Uzala nokuthakatha unjalo nje .

Amaliba agcwele ,iminden ayizwan kungenxa yakho
Mona awunamkhawulo kanti yini?
Omakhelwane bazondana bodwa .

Uqede ukubumbana kwemindeni ,
Uyimfezi ekhaful’ushevu,
Kuphuma izidumbu ,kukhubazek abantu ,emasontwen uyahlasela ,ezikolen’uyahlasela nasemsebenzin imbala ,uyisifo esingeke salapheka .

,Cha ukhona engabe wena wazalwa uban ,
Ngifis’ukubon’owakho umama ,
Ukube ngyamazi ngabe ngyamtshela ezinhlavini ,
Ngimtshele ukuthi akazalanga wabola amathumbu !