Engimthandayo ukude le!

Othandiweyo wami usemazweni,

Ngizomlinda kunjalo noma ningathini,

Ningibize ngamagama ngzozihlalela,

Anginalo uthando lowesibili,

Nginothando lwakhe yedwa.

Bangiquza ngapha nangapha ,

Bengibiza ngamagama abanye,

Bethi ngiyisishimane abanye ,

Bethi ngiyisigwadi kwazise kimi

Kunzima ngisho ukudlala ngaleligama 

Uthando

Ngiyamazi engimathandayo.

Esemazweni ngyazi uyangithanda

Akekho umuntu ongalingeki

Uma nje esanothando lwami 

Nami ngiyohleli nginothando lwakhe

Ngyohlala ngimlindile nomakungaphela

Iminyaka eyishumi ngizoma la.

Bangilethela ngapha nangapha

Abangithandela zona ngize ngifice

Sengihlanzelwe nelawu lami,

Kodwa mina ngimile endleleni yami

Inhliziyo yami iyamazi owayo.

Kukubi kunzima ngikhala engekho

Ozongithulisa, ngingedwa egunjini lami 

Ngicanukile ngizithola sengimamatheka

Isuke isifikile imicabango ngaye,

Phela uyena yedwa oletha injabulo

Kule eyami inhliziyo.

Umbhantshi udliwa yinhliziyo

Ngibona ngale eyami.

Kubobonke odade nosisi abakhona

Emhlabeni ubambo lwami nguye yedwa

Empilweni yami ngizithandela yena

Ngokweqiniso nangokomdali kwasekela

Othandiweyo wami othandwa yimi

Hay engizothandelwa yena.

Umbhantshi udliwa yinhliziyo.

By: Syethemba Dizzmar Thwala