Uma bekuthiwa ngiyazenzela
Ezam ingane bezizofuza mina.
Bezizolwa impi kanompumelelo
Zingababheki ukuthi abazali banani.
Indaba yefa labazali iyahlupha
Umuntu umshiya endleleni njengoshukela wokwenanwa, okuthi lisemnandi itiye uzwe kuthiwa usuphelile.
Ngibhala lendaba abaningi balele kobandayo
Kubanga wona amandla abazali.
Izelamani ziphenduke izitha zivundle sisu sinye
Ziphenduke izitha eskhaleni zincele belelinye.
Ngibhala lendaba abaningi sebephenduke omkhangezeni
Behluleka ukuzisebenzela isikhathi sisekhona baba obheka ifa labazali.
Uma bekuthiwa ngiyazenzela
Ezam ingane bezokhula zazi ukuthi ifa lomuntu amandla akhe.
Ngibhala lendaba nje nam ngiwile ngivuka ngilwela elam ifa
Angibathwesanga icala abazali ukuthi bangiletha emhlabeni.
Zinginethile imvula, angiqhuqha namakhaze eshubisa ukuntsha kodwa konke kudlulile laphuma ilanga
Uzaliwe uzithelo zokubekezela unompumelelo.
Uma bekuthiwa ngiyazenzela
Bengiyobatshela bangajahi izinto zohlaba ngoba azipheli.
Izinto zomhlaba uma uzijaha ziyakukhipha endleleni kanompumelelo
Amaphupho agcina ephuphile ngoba ungakwazanga ukuwafezekisa.
Konke okubonwayo okomhlaba namhlanje naseminyakeni eyishumi kuyoba kusabonwa
Kuhle ukungaphangi umdaka izulu lingananga
Ithendele libindwe isidwa kungafikwanga kwanompumelelo.