Ungen’endlini emnyama wachazwa

Wagiya wagagul’ubugugu bakho bemfundo,

Waqhakambis’inqondo yomuntu omnyama

Kwakhanya bha kungekwaMakhanya,

Inzuzo yazuzeka ngawe noMfundo.

Uligugu noMfundo

Ufike waboph’ifindo loLwazi,

Kwabanye ngothando nokuzazi

Izwe lonkana lagcwal’ukuzethemba,

Izimpumputhe zavulek’amehlo

Abanye basala behexile ngawe,

Bazibuza ukuthi ngab’uyintombi noma insizwa?

Uyiqhawe lamaqhaw’aqhwakele noMfundo

Ngithi unwele olude gugu lesizwe.