Baba Nkulunkulu

Sicela abaholi beqiniso

Abaholi abazosihola ngeqiniso

Besiholela eqinisweni ngeqiniso

Asisabadingi abaholi abaholayo imali kuphela

Kuphela besebesixoxela izinganekwane

Sidinga abanomqondo ozosakha

Sidinga abaholi abazokwakha amathuba amasha

Abazoba ukukhanya ebumnyameni

Sidinga abazovula amathuba amasha

Amahle size siwabone

Abazovula amathuba amaningi

Bathole abatshali bezimali e Africa

Bakhe I Africa ephumelayo

Nenamathuba amaningi emisebenzi

Ezokhula ngokwamandla omnotho

Asibadingi abazokwenza singazwani

Sibukelani phansi sizondane

Ngesikhathi sokwakha ikusasa lethu elihle