Noma ngingazi ubongwa kanjani

Kodwa sengiyakubonga.

Ngibonga ukulala nokuvuka

Ukufa nokuphila kukuwe.

Noma ngingelutho isoni

Kodwa awungikhohlwa.

Wangithanda ngingakazalwa

Nanamuhla usangithanda.

Bangibophela amafindo

Wena uyawaqaqa.

Bafisa ngingabi nalutho

Wena uyangemukelisa.

Ngingawyvulanga umlomo

Wena uyakwazi okufiswa yimi.

Ngizwa ngazo izitha sezingikhonkoth’ukuthi usungibusisile.

Noma bengikhuluma kabi

Ngyabaziba ngoba bakhulunyisw’umona.

Konke enginako ngikuphiwa uwe

Wena owangidala.

Abangangifiseli okuhle

Ubajabhisile ngokungayileli imithandazo yabo.

Kodwa ubongwakanjani?