Noma ngingazi ubongwa kanjani
Kodwa sengiyakubonga.
Ngibonga ukulala nokuvuka
Ukufa nokuphila kukuwe.
Noma ngingelutho isoni
Kodwa awungikhohlwa.
Wangithanda ngingakazalwa
Nanamuhla usangithanda.
Bangibophela amafindo
Wena uyawaqaqa.
Bafisa ngingabi nalutho
Wena uyangemukelisa.
Ngingawyvulanga umlomo
Wena uyakwazi okufiswa yimi.
Ngizwa ngazo izitha sezingikhonkoth’ukuthi usungibusisile.
Noma bengikhuluma kabi
Ngyabaziba ngoba bakhulunyisw’umona.
Konke enginako ngikuphiwa uwe
Wena owangidala.
Abangangifiseli okuhle
Ubajabhisile ngokungayileli imithandazo yabo.
Kodwa ubongwakanjani?